
Imbibizane Ukhozi FM luvala ingoma kaPhuzekhemisi
UMAKADEBONA emculweni kaMaskandi, uZibokwakhe “Phuzekhemisi” Mnyandu, ushaywe yinduku eyake yamshaya eminyakeni edlule kuvalwa ingoma yakhe entsha esihloko sithi Ipolotiki.
IPurpose ingakuqinisekisa ukuthi ithimba elihluza izingoma okufanele zigunyazwe ukuba zidlalwe emoyeni kuKhozi FM, liyichithille ngoba isolwa ngokuba nenhlese yokucwasa ngebala.
UPhuzekhemisi ube eseyalelwa ukuba ayiqaqe le ngoma ukuze asuse la mazwi okuthiwa agadla kwabamhlophe.
Ezinye zezinhlamvu engomeni kaPhuzekhemisi esisuse uthuthuva zibhalwe kanje kanje “Lukhulu oluzayo, luyeza ma-Afrika. Kwakungenani uma sife sabhubha thina. Kule lizwe lakithi saze sabuthwala Ubunzima. Abantu bakithi abawutholi umsebenzi. Bayehla bayenyuka, ayikho imisebenzi. Kodwa sokwenzanjani? Izwe lakithi liyanyakaza yipolotiki. Sidlala abamhlophe besinyakazisa yipolotiki…”
Akukhona okokuqala kuba nezingoma zikaPhuzekhemisi ezisusa umsindo ngenxa yezinhlamvu zazo. Ezinye zazo ngezithi Amakhansela, Ngo-49, NPA, AmaNdiya nethi Impimpi.
UPhuzekhemisi uvumile kwiSolezwe ukuthi uphoqelekile ukuba akhuphuke alibangise eGoli ukuze ayokwenza kabusha le ngoma yakhe ukuze igcine idlaliwe eziteshini ezingaphansi kwale nhlangano yezokusakaza.
Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi ingoma kaPhuzekhemisi ichithiwe oKhozini ngenxa yomgomo wokudlalwa komculo kulesi siteshi.
“Izizathu zichazwe kahle kubaphathi bakaPhuzekhemisi. Ngebhadi iSABC ayikwazi ukuxhumana namaciko ngemithombo yezindaba mayelana nokufakwa komculo njengoba kunomgudu olandelwayo nokuthi amaciko avumelekile ukuxhumana ngqo nesiteshi,” kuphetha uMmoni.
Kuzokhumbuleka ukuthi ingoma esihloko sithi Amakhansela yaze yaqhatha uPhuzekhemisi nohulumeni waKwaZulu-Natal, owawuholwa yiNkatha ngenxa yokuthi owayenguNdunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz Lionel Mtshali, wayesola ukuthi leli culo laligadla eqenjini lakhe.
Okwakwenza lokho ukuthi ikhansela elaliphethe i-ward, okwakuhlala kuyo uPhuzekhemisi eMkhomazi, kwakungele Nkatha.
Akagcinanga lapho uPhuzekhemisi kodwa waqhubeka nokukhulumela abantu abamnyama ngezingoma ngisho izintambo seziphethwe nayi-ANC kulesi sifundazwe. Wayesebizwa ngoMkhulumeli Wabantu. Ingoma eyayithi Izwe Alithuthuki, yenza uhulumeni we-ANC wagijima wenza uPhuzekhemisi inxusa loMnyango wezokuThutha.