Batholwe esikoleni abayisithupha ababulewe
Liyah Mseleku
KUDUTSHULWE kwabulawa abantu abayisithupha kwaQumbu, e-Eastern Cape.
Labantu ababulewe kuthiwa bebeyinhlangano elwa nobugebengu emphakathini.
Izidumbu zitholakale emagcekeni esikole iGodini Senior Secondary ngeSonto.
Amaphoyisa akuqinisekisikele kudutshulwa kwabo, abane abane balimale kabi kanti bayalashwa ezibhedlela.
IMeya yakuMasipala uMhlonthlo uMbulelwa Jara ukhala ngodlame olumataniswa nezibhamu kule ndawo.
“Izinga lobugebengu buphezulu kakhulu ikakhulukazi lapha eMhlonthlo. Lolu hlobo lobugebengu luzalana nokwebiwa kwemfuyo. Lokhu kukhomba ukuthi inkulu impi okusamele siyilwe ukunqoba ubugebengu. Nendaba yezibhamu esingekho emthethweni ezisezandleni zezinswelaboya zigashaqisa. Ngake sihlale sigoqe izondla abantu bakithi bebulawa,” usho kanje kwabezindaba ze-SABC.
Lesi sigameko senzeke esikhathini esingangesonto kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-18 eLusikisiki.
Nakulesi sigameko kwaqhamuka oshayasbhamu kungazelele muntu.
Kubantu abafayo bangu-15 ngabantu besifazane.
Kulesi sigameko kwasinda ingane yomfana enezinyanga ezimbili eyatholwa amaphoyisa ikhala phezu kwanina eseshonile.
Khonamanjalo uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu umenezele ukuthi kuboshwe abantu abathathu mayelana nokubulawa kwabantu eLusikisiki.
UNgqongqoshe wenze lesi simemezelo ngoLwesihlanu.
UMchunu uthembise ukuthi bazobopha abanye abantu abaningi njengoba uphenyo lukhoma ukuthi kukhona abasagcwele amathafa.
Wengeze ngokuthi bazodalula maduze ukuboshwa komuntu wesine kwazise amaphoyisa asemazi igama nesibongo.