Kwehliswe umama wezinyane leSilo sakwaZulu kwesobukhosi
UMAMA wezinyane leSilo uMisizulu kaZwelithini, noyiNdlovukazi yamaMpondo, wehliswe esihlalweni sobukhosi iNkantolo yoMthethosisekelo.
UMntwana uWezizwe Sigcau banendodana neSilo uMisuzulu kaZwelithini okunguMntwana uJubezizwe kaMisuzulu.
Inkantolo imi ngelokuthi bekungafanele.
USigcau wagunyazwa inkantolo yokudluliswa kwamacala eBloemfontain eyayithi nguye iNdlovukazi yesiHlalo.
Yakwenza lokhu ichitha iKumkani uZanozoku Sigcau owakhothama nowayebekwe umndeni wanikezwa nesitifiketi uMengameli wezwe ngo-2018.
UJaji uTshiqi ekhipha isinqumo uthe inkantolo yokudlulisa amacala yenza iphutha futhi yanhlanhlatha ngesikhathi igunyaza uMntwana Sigcau njenge Ndlovukazi yesihlalo samaMpondo.
Isinqumo sokuchitha uMntwana uSigcau sikhishwe amajaji ayisishiyagalombili ngoLwesine ngo-October 3, eholwa uJaji uZukiswa Tshiqi.
“Umuntu oyiKumkani esemthethweni nangokosiko lwaMaMpondo uZanozuko Sigcau owanikezwa isitifiketi uMengameli ngo-2018. Ngisho imiphumela yeKhomishani eyayiphenya ngobuKhosi yakuqinisekisa ukuthi uZanozuko ngowendlu yesihlalo samaMpondo ase-Qaukeni,” kusho uJaji Tshiqi.
Ngesikhathi ethula isinqumo sakhe uwulande emumva umlando wamaMpondo kusuka kuKumkane uFaku ngeminyaka yo-1800 ngesikhathi bebalekela iSilo uShaka.
IScrolla.Africa ibike ukuthi kulo mlando oqoshwe phansi kuvela ukuthi kusuka kuFaku ngabo-1800 amaMpondo awazange abhekane nombango wesihlalo.
Nokho, lo mbango uqale ngemuva kokukhothama kweKumkani uMandlonke.
UMandlonke wakhothama esemncane engakabi nayo ingane. Kuthe uma isikhotheme, umbango waqala lapho abafowabo abazalwa uyisomkhulu uMarheleni, okwabe kunguMntwana uBotha ongukhokho kaMntwana uSigau noMntwana uNelson Sigcau ongukhokho weKumkani uZanozuko.
Kwenzeka lokhu nje isihlalo sobukhosi bakwaZulu sinezinkinga njengoba umbango phakathi kwaMntwana uSimakade kaZwelithini noMisizulu ohleli njengamanje ungakapheli.