
UPrince Mabheka uzombula itshe lokuthula noxolo eMkomaas
UMSUNGULI nomengameli weSivananda World Peace Foundation, uPrince Ishwar Ramlutcham odume ngilika Mabheka Zulu bebambisene no-Umkomaas Hindu Society, bazombula isithombe esiqoshwe ngetshe le granite.
Lesi sithombe esiwuphawu lokuthula iPeace Pillar.
Ubude balesi sithombe bungu 3,5 metres. Sifaniswa njengendawo yokuthandaza yazo zonke izinkolo zasemhlabeni.
Umcimbi wokwembula uzoba ngoMqgibelo ngo-October 12.
ISivananda Peacer Pillar ngesinye sezithombe eziwu-19 ezikhona eKZN kanye nase Ningizimu Africa yonkana.
Esifundazweni sase KZN sezimbuliwe lezithombe kube ikwaDukuza, Empangeni, Phoenix, Tongaat, Hluhluwe, Drakensberg, Richards Bay, Ulundi, Gingindlovu, Pietermaritzburg, Greytown, Durban, Ladysmith naseGoli.
Lo msebenzi uqalwe uPrince Ishwar Ramlutcham Mabheka Zulu.
“Lezi zithombe ziwuphawu lokuthula nobumbano emhlabeni wonke, ziwuphawu nesikhumbuzo sokuthula nothando kubantu bonke. Ezokuhlonipha uSwami Sivananda okumsunguli weDevine Life Society Worldwide nomlandeli wakhe uSwami Sahajananda” kusho uRamlutchman.
“Ngesikhathi ngipha owayenguMengameli uNelson Mandela isipho sesithombe sakhe iPeace Pillar ngosuku kwakhe lokuzalwa eqeda-92, eHoughton, eGauteng wathi zizoqhubeka nokwenza ukuthula ezweni lethu, njengoba siqhubeka nje,” usho kanje.
URamlutchman wenza isithembiso wazibophezela kuSwami Sahajananda ongasekho ukuthi uzofaka noma zibe wu8 izithombe kodwa usenze zangaphezulu.
“Lezi zithombe ziwuphawu lokuthula nobumbano umhlaba wonke, futhi siyisibonelo senhlangano, kumele sisebenze kanzima ukuthi kube khona ukuthula kuzo zonke izinhlanga,” kuqhuba yena.
Kulindeleke uNdunankulu wakwaZulu-Natal uThami Ntuli, Mnuz Sri Narend Signh amakhosi nezinye izihambeli.