Ezezimoto

IToyota Hilux kuseyiyo imoto eyintandokazi kubathengi

Sihle Mkhize

UKUPHELA kwemsebenzi inkohlakalo edla lubi kuhulumeni nesibalo esiphezulu sabantu abafundile kodwa abangaqasheki kube nomthelela emnothweni ngoNcwaba.

Lokhu kugqame kakhulu ekwehleni kokuthengwa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika.

Sezizonke izimoto ezidayisiwe kuleli ngenyanga edlule zibe yizi-43 588 okuyisibalo esehle ngezimoto eziyi-2,266 uma kuqhathaniswa noNcwaba wangonyaka odlule lapho kwadayiswa khona eziyizi-45,854.

Nesibalo sezimoto ezithunyelwa kwamanye amazwe ziphuma kuleli sehlile kakhulu ngei-zi-14, 658 okanye u-34,3%.

Zibe yizi-28 073 kuphela izimoto eziphume kuleli zathunyelwa emazweni angaphandle.

NgoNcwaba wangonyaka odlule lesi sibalo sasimi kwi-42, 731.

Ezimotweni eziyizi-43,588 ezidayisiwe ngoNcwaba, eziyizi-35, 503 kube ngezithengwe ngamagaraji, eziyizi-12,4 zithengwe izinkampani eziqashisa ngezimoto, kwathi ezingu-3,3% zathengwa uhulumeni.

Yize itshe limi ngothi, iToyota South Africa Motors (TSAM) izishaya isifuba ngokuthi isahamba phambili ngokuthengwa kwezimoto zayo.

Ezimotweni eziyizi-43, 588 ezidayisiwe, le nkampani ikwaze ukudayisa eziyi-10 656 ngoNcwaba. Lesi sibalo senze ukuthi uToyota ube ne-market share ka-24,4%.

Le nkampani kuphinde kwaba yiyo ezihola phambili  ngokudayisa izimoto zohlobo lwePassenger, Light Commercial Vehicle (LCV) ne Medium Commercial Vehicle (MCV).

IToyota Hilux kuseyiyo imoto eyintandokazi kubathengi.  NgoNcwaba kudayiswe amaHilux ayizi-2, 527, amaDouble Cabs ayi-1 234, amaXtra Cabs angama-370 namaSing Cabs angama-923. ILand Cruiser Pick Up  neQuantum badayise angama-234 nama-98 sekuhlangene. ICorolla Cross eyakhiwa embonini yale nkampani ePro eSiphingo ibe endaweni yesithathu ngokudayisa ayi-1 630.

 

Related Articles

Back to top button