Izindaba

Amaphoyisa aseKZN abulale (2) wabasolwa kwisibhicongo saseHighflat

Liyah Mseleku

AMAPHOYISA akwaZulu-Natal adubule abulawa abasolwa ababili abamatiniswa nesibhicongo saseHlokozi, eHighflat, lapho kwabulawa khona abantu abangu-7.

Laba basolwa bebehamba ngemoto ngesikhathi amaphoyisa ebelandela umkhondo ezama ukubamisa ngoLwesibili ntambama.

Kuphendulwane ngenhlamvu kwaphinde kwatholakala owesifazane enamanxeba okudutshulwa.

Kuphinde kwatholakala izibhamu ezimbili esisodwa esombutho wamaphoyisa.

Lishone olwango Lwesibili omunye umsolwa kuthiwa ugcwele amahlathi.

Ngesikhathi bedubulana namaphoyisa bekuphambili abeDPCI Provincial Tracking Team and DPCI Anti-Gang Unit, Provincial Organised Crime Unit, TRT, PMB K9, Provincial Forensics Leads Unit, SAPS CI eThekwini District, Metro Police Special Operations Directorate, Fidelity SIU, Hawks Protection Services and Magma Security & Investigations.

Ngo-Agasti 12 iPurpose yabika ngokubulawa kwezingane ezintathu okubalwa neneminyaka emine, eHlokozi, eHighflat, ogwini oluseningizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal.

Lezi zingane zibalwa nabanye abantu abadala emndenini wakwaNkambule.

Abane babo kusolakala ukuthi badutshulwe emakhanda behlaliswe kusofa.

Ngaleso sikhathi okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, wakuqinisekisile ukuthi izingane ziphakathi kwabagilwa.

UNdunankulu uThami Ntuli wanxusa amaphoyisa ukuthi aphenye kabanzi athole abathintekayo.

‘‘Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuphepha kwawo wonke umuntu KwaZulu-Natal. Ezindaweni zasemakhaya kukhona, izinduna namakhosi yini le engaka ebingeke isaxoxela? Imicabango yethu isemindenini ethintekile ngalesi sigameko esibi,’’ kusho uNtuli.

Related Articles

Back to top button