Izindaba

Kudabuke noRamaphosa kushona umfundisi

Sane Mseleku

UMongameli Cyril Ramaphosa uzwakalise ukudumala okukhulu kulandela ukudlula emhlabeni kuka Mfundisi Ray McCauley.

UMcCauley waqala ibandla iRhema Bible Church, waphinde waba usihlalo weNational Interfaith Council of South Africa.

UMcCauley ushone ngoLwesibili ntambama eneminyaka engu-75.

URamaphosa kwistatimende udlulise amazwi enduduzo kunkosikazi kaMcCauley, uZelda McCauley, abantwana, umndeni wonkana kanye nomndeni wase Rhema Bible Church.

Ubeke wathi: “Ukudlula emhlabeni kuka Mfundisi Ray kushiya igebe elikhulu kumakholwa, kubuhlungu kakhulu ukulahlekelwa umholi onjengaye. Izimfundiso zakhe zizohlale zikhona, ziphila kwizinkulungwane zamakholwa nangaphezulu komphakathi weRhema. Umphefumulo wakhe ulale ngokuthula” usho kanje.

Nomndeni kamufi usiqinisekisile lesi sigameko wathi ushone esekhaya enomndeni wakhe kuyoshaya ihora lesikhombisa kusihlwa.

Eminye imininingwane izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.

Umndeni ubonge imikhuleko ebivela kulabo abebezwalana nomndeni ngezikhathi ezinzima.

Related Articles

Back to top button