
UNdunankulu kaZulu unqunyelwe ukukhetha umsebenzi owodwa
Philasande Luthuli
UMENGAMELI wamaBhinca uNgizwe Mchunu unqumele ugwayi katiki uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ukuba akhethe umsebenzi owodwa.
Usho kanje ekhuluma nabalandeli bakhe kuFacebook ngoLwesibili ebusku.
Ubegadla nje edinwe ukuthi uSilo asibonakalanga nagokhalo eMkhosini weLembe eThokoza, eGoli.
UMchunu ukhumbuze abantu ukuthi uButhelezi umelwe ukuba ubaba kwakhe, uNgqongqoshe, uMfundisi nokuba uNdunakulu phakathi kweminye imisebenzi.
Uthi kumele akhethe umsebenzi owodwa ngoba isizwe sakwaZulu sisadinga ukubunjwa.
Ngakolunye uhlangothi izimpukane eziluhlaza zithi uhulumeni kaMnuz Panyaza Lesufi owenqaba ukuyogeza inkundla okwakusingethwe kuyo lo mgubho.
Kuthiwa uButhelezi wayecele ukuba kwenziwe ihlambo lesintu kuqala enkundleni iSam Ntuli ngoba iyindawo enesinyama nokwachitheka kuyo igazi, okungeke kukwazi ukuba iNdlulamithi yamakhosi ikhulume kuyo.
Nokho kuthiwa uhulumeni wase-Gauteng awuzange usayingena eyaleso sicelo kodwa waqhubeka ngenkani noMkhosi wokukhumbula iSilo sakwaDukuza iLembe.
Imithombo ehlebele i-Scrolla.Africa ithi ngenxa yalokhu uButhelezi kwathi ngoMgqibelo waluleka iNdlulamithi ukuba ingabe isazihlupha ngokuphuma ehhotela iye eThokoza ngoba uhulumeni akafunanga ukulandela usiko.
“Ngenxa yalokho iSilo nabanye abaNtwana bazihlalela ehhotela, kwathunyelwa uMntwana uSimphiwe wakwaZiphethe ukuba ayosimela eThokoza. Siyezwake abanye sebesihlambalaza bethi kusho ukuthi asivukanga ngoba besikhothe amanzi amponjwana. Lokho akulona iqiniso ngoba kwawona amanzi amponjwana sesiqhelile kuwo njengoba sesingumuntu oshintshile impela,” kuchaza umthombo.
Ngo-October 7, 1991 kwachitheka igazi kwashona abantu abangu-18 kuyo leya nkundla yaseThokoza.
Babehambele umngcwabo wesigagayi se-ANC uMnuz Sam Ntuli osekuqanjwe ngaye leya nkundla.
Igazi elaphalala ngalolo suku lwafaka amanzi emadolweni kubantu abasebenethemba lokuthi kuphele udlame olwaluphakathi kwe-ANC ne-IFP.