Ujika nelanga umfundi wakwaMgaga High olinyazwe uthishomkhulu
Bahle Mkhize
UFUNA kwenzeke ubulungiswa umfundi wasesikoleni kwaMgaga High School, eMlazi esigcemeni kwa-K, ohlezi ekhaya kusukela ngoLwesine olwedlule.
Lo mfundi esiligodlile igama lakhe oneminyaka engu-17 ubudala ofunda ugrade-9 uthi kusekude ukukhohlwa usuku etalajwa uthishomkhulu ngepayipi nokuholele ekutheni isandla sangakwesinxele silimale.
IPurpose isibonile isandla esilimele iminywe yalo mfundi ayisalingani.
“Uthishomkhulu wasibhadama nabanye abafundi sikhuluma wabe esesijezisa ngokusishaya. Okwami kwaba nzima ngoba isandla kumanje asisebenzi nokwenze ukuthi ngingabe ngisaya esikoleni,” usho kanje.
Uthi ngalo usuku wafonela amaphoyisa echaza usizi lwakhe athembisa ukufika kuye kodwa kuze kube inamhlanje awakaze.
Lo mfuondi ubekhuluma nePurpose kuzwakala ukuthi ukhathazekile uthi akasazi ukuthi enze njani ngoba kunabamsabisayo ukuthi uma egcina ngokuvula icala uyoba isisulu sokufeyila kwaMgaga.
“Ngifisa kuphele ukushaywa ngoba sifunda kabuhlungu. Akumina ngedwa kodwa sibaningi, ngiyambonga loya baba kungenzeka mhlawumbe ukuthi ufuna ukuziveza ukuthi kukhala esakhe iscathulo. Engikushoyo ukuthi akuphele ngenduku ezikoleni ngoba ngokomthetho akuvunyelwe sishaywe,” kuqhuba yena.
UPhinde waveza ukuthi akusikho okokuqala eshaywa kanzima kulesi sikole.
“Maphakathi nonyaka omunye uthisha wangishaya waze wangikinya sibanga ipayipi eyengishaya ngalo umzimba. Engona ngakho ukunqaba ukushaywa ezinqeni kwazise ngangisezinsukwini ngisaba ukuzingcolisa,” usho kanje
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMnuz Muzi Mahlambi uthe icala elibovu leli elinziwe uthisha.
“Uma umfundi evula icala uzoboshwa uthishomkhulu. Angisazi isizathu esenza othisha baqhubeke nokushaya abantwana esikoleni ngoba kuphambene nomthetho. Ngicela umntwana angithinte singagcini ngokuphawula kuphela,” usho kanje.