Izindaba

Kuboshwe iphoyisa lesifazane ngokufa kwabangu-6

Liyah Mseleku

UMKHONTO ugwaze ekhaya amaphoyisa ebopha elinye iphoyisa elisolwa ngokubulala abantu abayisithupha.

Leli phoyisa lesifazane elingu Sergeant (43) belisebenzela eSenwabarwana liboshwe ngoLwesine ekuseni ligqoke inyufomu iphelele.

Kuthiwa laqale labajoyinela umshuwalense kanti inhloso yalo ukubasoconga bese lihlomula ngezindodla zemali engaphezulu kwa-10 million.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Athlend Mathe uthe emuva kophenyo kuvele ukuthi omunye wabo uyasoleka ekufeni kwabantu ngenhloso yokuhlimula kumshuwalense.

“Sathola ulwazi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule sase sibhalela uCaptain Cacius Mabunda ukuthi akaphenye ngoba siyamazi unamagalelo emacaleni afuze lawa. Wabe eseqoqa ubufakazi sabucwaninga, sibe sesithola imvume yokubopha njengoba ubona nje. Njengamanje ulumbaniswa namacala okufa kwabantu abangu-6 ebebengamalunga omphakathi. Sizwile ukuthi ubebafaka ngaphansi kwemishuwalense wakhe. Sidumele njengombuto wakwaSAPS ngakolunye uhlangothi siyajabula ngoba sizokwazi ukuthi ngobani abangamazambane abolile. Njengamanje uzobhekana namacala okubulala namanye angu-17 okukhwabanisa,” usho kanje.

Eqhuba uthe lesi senzo silethe ukukhathazeka kwazise umsolwa ubeyisithenjwa emphakathi kwazise usebenzela umbutho wamaphoyisa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uRosemary Ndlovu owayeyiphoyisa waboshwa wagwetshwa ngamacala afanayo.

Wabulala abantu abayisithupha okubalwa indoda yakhe phakathi kwanyaka 2012-2018

Related Articles

Back to top button