Ezokungcebeleka

Umculi udube umcimbi efunwa imali ‘yokuvikelwa’

UMCULI wakuleli uNathi Mankayi udube umcimbi weSilwa Nemimoya Picnic ngenxa yabantu abebefuna imali ‘yokuvikela’ ngenkani.

Umcimbi bewuhlelelwe u-October 5.

Lomculi oneminyaka engu-41 utshele iDaily Sun ukuthi babone kungcono angabe eselubhada.

“Mekumele siye eMthatha, kwabakhona iqembu labantu elifonela omunye engisebenzisana naye lifuna imali ‘yokuvikela’. Mina nomunye sathola izingcingo eziqhamuka kubantu abafuna ingxenye yemali ezokwenziwa emcimbi, ngibone kungcono kuvele kuyekwe” kusho uNathi.

UNathi uthe akaziboni eya eMthatha maduze nje.

“Angifuni ukuqamba amanga, nakuba i-Eastern Cape iyikhaya kimi, kodwa umakwenzeka izinto ezikanje, angiziboni ngiya ekhaya. Noma ubani angasithatha lesinqumo. Angisho ukuthi ngeke ngiphinde ngiye kodwa ngizoya uma isikhathi sesivuma,” kuqhuba yena.

UNathi uhlehlise umcimbi ukuthi ube ngomhlaka October 19 eGqeberha Nelson, Mandela Bay Stadium.

“Siqale eKZN, umcimbi wesibili. Abantu bayawuthakasela lomcimbi, bayawuthanda. eKZN ababanga khona kakhulu abantu, kodwa eCape Town baphuma ngobuningi babo. Manje uwonkewonke uyabona ukuthi lekhonsathi iyenzeka,” kuqhubeka uNathi.

UCalvin Rafadi oyiForensic Investigative uthe lolu hlobo lokuhlukumeza ngokufuna imali aluhlukumezi nje kuphela abaculi nabahleli bemicimbi luphinde lushaye nabantu abaningi.

“Uma kungekho nkontileka ehlanganisa abantu mayelana nezimali, akukho emthethweni ukufuna izimali kubantu ngenkani lokho kuhlukumeza umnotho. Ngakho-ke kumele amacala anjalo athathelwe phezulu,” kusho uCalvin.

Uthe amaphoyisa kumele aphenye noma ngabe livuliwe noma lingavulangwa icala.

Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape uLieutenant Colonel Siphokazi Mawisa, uthe likhona ithimba elisebenza kuleli cala.

Related Articles

Back to top button