Ezokungcebeleka

Igidigidi uKelly Khumalo evela kwabafileyo

Bahle Mkhize

SEKUBE negidigidi ezinkundleni zokuxhumana umethuli wezindaba kwi-eNCA uShahan Ramkissoon edideka ethi kushone uKelly Khulamo emphambanisa noWinnie Khumalo.

Akapholisanga maseko uKelly njengoba ebhale kwiX ezwakalisa ukudinwa ebuza ukuthi ngeyani le nzondo?

“Ungangizonda noma ungangifiseli lutho oluhle kodwa lokhu ubudedengu, ukushoda ngolwazi, nokudelela hhayi mina kuphela kodwa labo abangithandayo nabangikhathalele. Ikakhulukazi izingane zami. Ngicela nihloniphe igama lami.

Isolezwe likhulume nobesondelene kakhulu nomufi, uSabelo “Ntombeningi” Sithole, othe uWinnie (51) udlule emhlabeni ephuthunyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath eSoweto ngezithuba zawo-2 ntambama.

IKalawa Jazmee ikhiphe isitatimende izwakalisa ukukhathazeka ngokudlula emhlabeni kwaWinnie.

“Silahlekelwe, uWinnie ushiye umaka emculweni waseNingizimu Africa, egqugquzela abaningi ngephimbo lakhe elimtoti nokunandisa. Ikhono, ukuzimisela kuyohlale kushiya kunomaka ongasayocima. Qinani idolo nina bomndeni, abangani nabalandeli ngalesi sikhathi esinzima kanje,” kubhalwe kwistatimemde.

UWinnie wazalelwa eMofolo North, eSoweto, waqala ukwaziwa emculweni ngeminyaka yo-1980 eseneminyaka ewu-15. Waduma ngenoni elalithi Hey Laitie nelithi Tshina Tshina.

Wabuye wakhuza ibuya nge-albhamu yokholo eyayithi Izono Zami. Waphinda wanyamalala emculweni, wavumbuka ngeminyaka yo-2000 ngenoni elithi Live My Life futhi eselingisa nasemafilimini kaChicco Twala. Ngaphandle kokucula yedwa, ubuye waba yilungu leqembu lezintokazi iKalawa Chikita.

Ushiye emhlabeni indodana uThando noRethabile. Kuze kwayoshicilelwa kungakaqinisekiswa ngezinhlelo zomngcwabo.

Related Articles

Back to top button