Izindaba

Eminye imizamo yokugqabuka emaketangeni kwelika-AKA

Liyah Mseleku

KUBHEKWE okusha abeza nakho kusasa ngoLwesine abasolwa ababili kwabahlanu abasolwa ecaleni lokubulawa kwesihlabani seHip Hop uKiernan “AKA” Forbes.

U-AKA wabulawa nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, eThekwini ngo-2023.

Leli cala lizolalewa kabusha eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kusasa.

Ngokusho kophiko olwengamele ezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA), uMuziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande bazofaka kabusha izicelo zabo zebheyili ngobufakazi obusha ababuqukethe.

Laba basolwa nabanye abathathu okungu Lindokuhle Mkhwanazi, uLindani Zenzele Ndimande noSiyanda Myeza benqatshelwa ibheyili nyakenye ngenxa yobufakazi bombuso obubayamanisa naleli cala.

UGwabeni usolwa ngokuba ungqondongqondo kuleli cala njengoba kuthiwa nguyena owakhokhela abanye abasolwa ngemuva kokubulawa kwabafi.

UGwabeni wakuchitha lokho, waveza ukuthi abasolwa wayebakhokhela imali ayebakweleta yona ngemisebenzi eyehlukene, abanye ebaphekisa njengoba babezoshada.

ULindokuhle kwavela ukuthi nguyena owayeqaphe u-AKA ngesikhathi esendaweni yokudlela iWish, eThekwini, waze wakhokha ngekhadi lakhe kuyo lendawo, okwathi uma sekuqhuma isibhamu abanye bebaleka, yena wazihlalela, waphuma ngemuva kwesigameko.

Wakuchitha ukuthi wayeqaphe u-AKA, ethi wayelinde owesifazane owagcina engafikanga.
Ilanga

Related Articles

Back to top button