Ezokungcebeleka

Usulwe izinyembezi ngePolo uMjolisi

Phila Luthuli

UNYELWE inyoni esandleni umculi kaMaskandi uMjolisi ogixabezwe usomabhizinisi waseBergville uMnuz Ntuthuko Miya ngesipho semoto entsha sha.

UMjolisi ulale isibili kweyengoma ehlukanise unyaka kanti ufike kwa-VW ehambisana nabazali bakhe njengoba ebezokwamukela iPolo elisha ceke.

Lo mculi kamaskandi, ubeqokwe emncintiswaneni woKhozi FM wezingoma eziyishumi ebezibanga ukwehlukanisa unyaka.

Kuvela ukuthi uthengelwe imoto yohlobo lweVW Polo yisiqumama saseBergville.

Ingoma kaMjolisi esihloko sithi “My Dululu”, apike kuyona uMqobi yazo igcine ilale isibili, yehlulwa ngeyeGcokama Elisha, esihloko sithi “Gucci”.

UMiya uthengele uMjolisi le moto emhalalisela ngokusebenza kanzima futhi emduduza njengoba egcine enganqobanga.

Le moto unikezwe yona ngokusemthethweni namhlanje ngoLwesithathu eMgungundlovu. Nomklomelo obuwinwa yingoma ehlukanise unyaka oKhozini yiyona iVW Polo, ehlwithwe yiGcokama.

Kulo mcimbi wokwamukela lolu nyanyavu lwemoto bekukhona abazali balo mculi bobabili.

“Namhlanje ngizibonele ukuthi umfana wami uphila nabantu abanjani. Ngihlezi ngiyizwa ngendaba eyokupha omunye umuntu isipho semoto, ngathi abantu behluleka ukupha ngisho uR10. Ngiyabonga kakhulu Miya,” kubonga uyise kaMjolisi exhamula uMiya.

NoMengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu ubekhona ezobongisa uMjolisi esho ukuthi ubusisekile ngoba abazali bakhe basaphila.

Related Articles

Back to top button