Kubhoke indlala kwabangaholile kwiRoyal AM
Mleven Zikiza
ZIMAPEKETWANE izinto ekhempini yeRoyal AM njengoba kuvela ukuthi abadlali ekubalwa abaqeqeshi nezisebenzi zibe noKhisimuzi omnyama njengoba kungaholwanga.
Lokhu kulandela ukuthi i-account yaleli qembu elidlala kuBetway Premiership inikwe abakwa-SARS ukuthi bayiqaphe ngeso lokhozi njengoba kusanecala eliqhubekayo phakathi kwalezi zinhlangothi zombili.
Kuzokhumbuleka ukuthi uShawn Mkhize ongumphathi weRoyal AM uke waba sematheni ngesikhathi kugasela abakwasidlodlo nabakwa-SARS emzini wakhe kanokusho eLa Lucia abawushiya umapeketwane.
IDurban High Court yakhipha umyalelo wokuthi makugaselwe kulo muzi ngoba uMaMkhize ugoloza ukukhokha imali yentela ebalelwa kuR37 million.
Ukungaholi kwabadlali sekubame emphinjeni njengoba abanye sebefuna ukulishiya iqembu njengoba kuyisikhathi sokudayiswa kwabadlali ngoJanuwari.
Umdlali okhulume naleli phephanda uthe: “Mfethu simuncu isimo lapha eqenjini. Abanye bethu bagoduke bejabule becabanga ukuthi imiholo izongena sesifikile emakhaya. Kusinde labo badlali abakwaziyo ukulondoloza imali kanti kwabanye kube mnyama, babulawa yindlala. Inyunyana yabadlali sesiyazisile kanti udaba iphezu kwalo njengamanje. Ingakho sinqume ukungayi emdlalweni weChippa United ngempelasonto,” kusho lo mdlali onqabile ukuveza igama lakhe.
UMaMkhize ukhiphe isitatimende lapho khona evuma amaphutha exolisa ukuthi abadlali nabasebenzi abaholanga ngoDisemba.
“ICEO neGeneral manager balusebenza ngesinono udaba nabathile ukuze kuphume izimali baholelwe abadlali. Siyabonga ukubekezela kwabadlali nemindeni yabo ngalesi sikhathi esinzima kanje. Ngaphezu kwalokho sibonga abalandeli, abaxhasi nabo bonke abayingxenye,” kubhalwe kanje kwistatimemde.