Izindaba

Unqabe ibheyili osolwa ngokubulala (18) eLusikisiki

UNQABE ibheyili umsolwa osemncane uSongezo Vuma (20) oboshelwe isigameko sokudubula, esadlula nemiphefumulo engu-18 e-Lusikisiki.

Lesi sigameko esashaqisa abaningi senzeka ngomhla ka-28 kuSepthemba 2024 kanti umsolwa ubevele enkantolo ngoLwesibili.

USongezo uboshwe ngeSonto ebusuku e-Qonce esebhasini elibhele eKapa, ​​ngemuva kwezinyanga ezintathu kuboshwe abayisishagalombili asolwa nabo.

Ubegcwele amathafa kusukela kwenzeka lesi sibhicongo. Amaphoyisa ase-Eastern Cape ayekhiphe umklomelo kaR50 000 kongaba nolwazi lokuthi ukuphi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa.

“Amaphoyisa avimbe ibhasi esiteshini saseKing Williams Town ebeliya eKapa. Ngesikhathi besesha, bathole owesilisa (20), obekunguye yedwa umsolwa obengakaboshwa esigamekweni sokudubula e-Lusikisiki. Ube eseboshwa ngokushesha futhi uzobekwa icala ngokufanele,” esho.

Abamangalelwa naye uSiphosoxolo Myekethe (45), u-Aphiwe “AP” Ndende (25), uLwando Antony Abi (33), uBonga Hintsa (31), uZenande Paya (38), uMawethu Nomdlembu (36), kanye nomsolwa ongungqondongqondo uMzukisi Ndamase, bonke bahoxise isicelo sabo sebheyili ngesikhathi bevele enkantolo ngaphambilini.

Bonke babhekene namacala angu-18 okubulala nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Umsolwa wokuqala, uMyekethe, waboshwa ngomhla ka-7 Ok’thoba emzini wakhe e-Mamfengwini eLusikisiki.

Ababili kulaba, uNende noHintsa, baboshwa e-Port Shepstone kwathi u-Abi waboshwa e-East London ngomhlaka-16 ku-Okthoba 2024.

Abanye abasolwa, uPaya noNomdlembu, baboshwa e-Flagstaff ngomhlaka-17 ku-Okthoba 2024, bephethe izibhamu ezine nezinhlamvu okusolwa ukuthi zayiswa kwezinye izindawo ngemuva kokubulawa kwabantu e-Lusikisiki esigodini sase-Ngobozana.

Umsolwa ongungqondongqondo, uNdamase uboshwe ngaphakathi e-Wellington Correctional Centre, nokuyilapho edonsa khona udilikajele kanye neminyaka engu-15 ngamacala okubulala nokubamba inkunzi.

Okhulumela i-NPA esifundeni, uNokuthula Makupula, uthe uVuma njengabo bonke abasolwa naye wasichitha isicelo sakhe sebheyili.

“Udaba ludluliselwe eNkantolo yesiFunda e-Lusikisiki, lapho ezohlangana nabanye abasolwa abayisikhombisa ngomhlaka-17 kuNhlolanja,” esho.

Related Articles

Back to top button