Ezokungcebeleka

UNaledi usexolise wathembisa ukufunda  inhlonipho

Liyah Mseleku 

USHAYELWE ihlombe ngabaningi uNaledi Aphiwe okhiphe isitatimende sokuxolisa ngokwenzeke emcimbini iMthandeni Summer Experience.

Igcokama Elisha Manqele ngoMgqibelo, UNaledi unonakala engena esiteji wacula, kube kusanandisa umculi kamaskandi ohlonishwayo uGatsheni.

NgoMsombuluko ntambama ukhiphe isitatimende exolisa kubathandi bomculo uGatsheni nethimba lakhe.

“Bekungeyona inhloso yami ukuphazamisa noma ukukhombisa indelelo, ikakhulukazi kumculi kaMaskandi ohlonishwa kangaka emphakathini.”

Uveze ukuthi uyakuqonda ukuthi emculweni impumelelo emculweni akusilo ikhono nje kuphela kodwa ukukhula ngokomqondo, inhlonipho nokubambisana. Uthi ingcabha ingakuye futhi uyazisola.

Uxolisa-nje, noGatsheni ubekhiphe isitatimende ngoMsombuluko ekuseni ephawula ngalokhu okwenzeke kuMthandeni Summer Experience. UGatsheni uncome ithimba lakhe ngobuhlakani bokungalawulwa yimizwa, ethi bakubukile okwandekile kodwa bangavumela imizwa ukuba ibalawule.

Ubesenxusa abaphathi bemicimbi ukuba baqinise amakhono okwazi ukumelana nokubhekana nezimo ezehla kungalindelekile ukuze kugwemeke isimo esifanayo.

Lo mculi oshaya ama-hit, ubesebongela uzakwabo uMthandeni Manqele ngomcimbi omuhle nosezingeni eliphezulu.

UNaledi uxolisa nje uMawhoo ufake umbhalo othi; “Bathi ingane encane kodwa idla i-cocain nensangu.”

UMawhoo usho lokhu esola uNaledi ngokungabi nayo inhlonipho kulandela isenzo sakhe sokugasela esiteji kusanandisa uGatsheni emcimbini iMthandeni Summer Experience.

Isenzo sikaNaledi sicasule abantu abaningi abebethamele umcimbi waze wakhishwa.

Kuvela lo mbhalo-nje, uNaledi uke watholana phezulu nodadewabo kaMawhoo, okwenze abaningi basola ukuthi kube lula kuMawhoo ukuveza umbono ngoNaledi ngoba kunengxabano eqhubekayo ethinta udadewabo.

UNaledi ubesanda kubhadlaza inkulumo ku-Tiktok okukholakala ukuthi ibikhulunywa udadewabo kaMawhoo, u-Amahle esola uNaledi ngokubulala unina wakhe ukuze anikele ngaye kusaziwayo waphesheya.

Kubalandeli bale ntokazi esencane yaseNanda, bakhale ngokuziphatha kwayo, kwaqubuka imibuzo ngokuthi ngabe inalo na ithimba labaphathi.

UGatsheni usamukelise isixoliso sikaNaledi.

“Siyakuxolela. Ikusasa lakho liqhakazile. Ngikufisela konke okuhle endimeni,” uphendule kanje.

Related Articles

Back to top button