IDuncan Elisha lizongena estudio noMaskandi
Sihle Mkhize
UMCULI weHip Hop uDuncan owine izinhliziyo zamabhinca ngendlela abegqoke ngayo emcimbini iMthandeni Summer Experience, eMdletsheni, uzongena estudio noMaskandi.
UDuncan okhiphe i-album yeHip Hop esihloko sithi Incwadi Yezono ngoDisemba uwundabamlonyeni njengoba kunconywa ukufanelwa kahle ibhulukwe leBrentwood, nezicathulo ze-Omega.
Ezinkundleni zokuxhumana kuyachwaza yinjabulo sebeze bamqamba igama iDuncan Elisha.
Ekhuluma ngokukhethekile nePurpose ubonge uthando lwamabhinca.
“Ngijabulile ukuba yingxenye yomcimbi omkhulu njengaloya obekugcwele abaculi baMaskandi. Bekumele ngiwuhloniphe kwazise bengiqala ukunandisa kunamabhinca angakaya. Nami ngithe angifane nabo yingakho ngigqokise kwabo. Engikufundile wukuthi amabhinca ayesekana, futhi umculo wawo namapiano yiwo osahamba phambili eMzansi. Ngokuzayo ngiyazibona ngicula nomunye waboMaskandi. Kwayimina uqobo ngizoqala ngihlunge kubaculi baMaskandi ngingene estudio ngikhiphe ingoma yami,” usho kanje.

Umphathi wezinhlelo emcimbini uModelkazi Dlamini uthe uyakholelwa kuyena kuDuncan.
“Yabona loshuni mfwethu uvele wakuhlala kanti ke ngingomunye okholelwa kakhulu kuwena nakumculo wakho. Kwake kwathi ngomunye unyaka umfwethu uDumakahle ekhiphe Isizulu saseMfuleni ngambhalela ngathi ngiyafisa akuthole khona into ongayenza kuleya ngoma, kwabayikho ukuthi indlela yokuxhumana ayizange ibe lula. Kodwa nje mfwethu uyilento ephezulu ekhekheni. Ngoba nisaphila nisazosebenza nomfwethu,” kuncoma uModelkazi.
Umculi kaMaskandi uMayoghurt yena usevume uDuncan.
“Duncan nayi inkosi kaBrentwood kumaskandi. Thina sivume wena manje”