
Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni okhethweni
I-Inkatha Freedom Party (IFP) ithi iGoli neTheku yizindawo ezibalulekile emkhankasweni wayo wokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026.
Ifuna ukwandisa amandla wayo nangaphandle kwesifundazwe KwaZulu-Natal.
UMengameli we-IFP, uVelenkosini Hlabisa, uthi lezi zifundazwe ezimbili ziyizinjini ezibalulekile emnothweni waseNingizimu Afrika.
Iqembu lizongenela wonke amawadi angu-108 eCity of Johannesburg nawo wonke amawadi eThekwini.
UMlungisi Mabaso uqokwe njengozongenela isikhundla sobuMeya eGoli, kanti eThekwini kuzongenela uMkhuleko Hlengwa, uSizwe Skhakhane, owaziwa ngoMavava, aqokwe njengephini lakhe.
KuMaspala wase-Mhlathuze, i-IFP iqoke ikhansela uXolani Ngwezi njengozongenela ubuMeya.
UHlabisa uthi laba baholi abathathu bonke bangaphansi kweminyaka engu-45 ubudala. Lokhu kuyingxenye yohlelo lokunikeza intsha amathuba obuholi.
Iqembu selifake abantu abangu-3 188 kwi-IEC, kanti lizokwethula imanifesto yalo ngomhla ka-20 September ePrincess Magogo Stadium.
Khonamanjalo, umholi we-EFF, uJulius Malema, uthi abantu abahola impesheni kufanele bathole isibonelelo sikahulumeni esingu-R4 500 ngenyanga.
UMalema ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa imanifesto ye-EFF esifundazweni iMpumalanga, e-Emalahleni, lapho kuqoqene khona inqwaba yabalandeli baleli qembu.
Uthe abantu asebekhulile bangumgogodla wemindeni eminingi ngoba basiza ekukhuliseni nasekunakekeleni izingane.
UMalema uthe imali ikhona ukuze kukhushulwe izibonelelo, kodwa usole ukusetshenziswa budedengu kwezimali zikahulumeni.
Uphinde wanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise amavoti abo okhethweni lohulumeni basekhaya luka-2026 ukuze basuse i-ANC embusweni, eyisola ngokwehluleka ukubhekana nobubha nenkohlakalo.
UThukela News Times Plus



