
OweNondaba Foundation ugila izimanga ekuthuthukiseni intsha
Sihle Mkhize
Uma kukhulunywa ngoLebohang Zondi ungafunga ukuthi kukhulunywa ngendoda enkulu ngomzimba kanti cha izenzo zakhe ezinkulu.
Le nsizwa izalwe yakhula elokishini laseMlaza, eThekwini, inothando lwebhola kusukela isenza amabanga aphansi nokuhlanganisa abantu.
Nakuba wayengumthandi webhola kodwa uzalelwe emndenini wenkolo unina enguMfundisi eGod Is Able Ministry.
Uthando lwengqamu lwamenza wakha iqembu lebhola esikoleni nelagcina lingcweka namanye eMerebank.
Noma eseqede isikole uZondi akaliyekanga ibhola wadlalela iToronto Blizzards eyayiholwa uSenzo Cele ngakubo. Wayedlala eba enxenxa abanye abadlali ngakubo.
“Ukuhlanganisa abantu yinto yami, ” usho kanje,”
Ngonyaka ka-2021 uZondi uthathe elinye ijika evula iNondaba Dignified Funerals. Leli bhizinisi labangcwabi likhula ngesivinini.

UZondi uthi ebhizinisini kuye akuyi ngemali kodwa ukuletha ushintsho emphakathini.
Ngo-2023, uvule inhlangano engenzi nzuzo iNondaba Foundation nenza ushintsho emphakathini.
Kule foundation babeke eqhulwini ukuvuselela ibhola lasemgaqweni eMlaza.
Inhloso enkulu ukugcina intsha iphephile kwizidakamizwa nasotshwaleni.
Lo mqondo kaZondi udonse uwonkewonke kulo mqhudelwano odlalwa njalo ekupheleni kwenyanga.
“Sifisa ukunika ithuba igenge esencane ukuthi ikhombise ngekhono layo qede siyiweze,” usho kanje.
UZondi ubambisene neLocal Football Association, eholwa uSihlalo uNhlakanipho Mzulwini kanye neSouth African Football Association (SAFA) eThekwini Region.
ISouth African Police Service (SAPS) eMlaza iwusekile umbono wakhe kanjalo noMasipala weTheku.
Inhloso enkulu kaZondi kukho konke akwenzayo ukuvulela intsha amathuba ancono empilweni.
“Ngikholwa wukuthi liningi ikhono emphakathini yethu, kwesinye isikhathi intsha idinga ukuvulelwa iminyango nje,” kuqhuba uZondi.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



