Ezokungcebeleka

Akafisi lutho obegwetshelwe ukuthunaza uK.O

Sane Mseleku

UYOYIXOXELA amagwababa echobana
uNhlamulo “Nota” Baloyi (35) eyokugwetshwa ejele laseSun City izinsuku ezingu-20 kwezingu-60.

UNota udume ngokushiya angalazi kosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana kanti uke wasebenzisana nabaculi abehlukahlukene.

Ekhuluma nabezindaba uNota owagwetshwa inkantolo enkulu yaseGoli ngoMashi 2023 uthi ziyakhala ngaphakathi ejele.

“Kunzima lapha ngaphakathi, ukuhlala egumbini elilodwa nezinswelaboya, ababulali, abadlwenguli kanye nazozonke nje izilwane ongazicabanga. Inzima impilo lapha,” kulandisa uNota.

Ungene kule nyakanyaka nje wadicelela phansi isithunzi somculi uNtokozo Mdluli owaziwa ngelika K.O. kwizinkundla zokuxhumana.

Nakuba esekhululiwe kodwa usengaphansi kweso lwezoku hlonyeleliswa kwezimilo.

Uphinde wasazisa nangezinsuku zokugcina engaphakathi, nokudla kokuqala akudlile ephumile.

“Ukudla kwami kokugcina ejele iChicken Licken, kanti okokuqala ngiphumile kube iPasta engiyithenge eFood Lovers Market,” esho.

Noma kunezinkinga kodwa uNota ujahe ukuphinde ahlangane nomndeni wakhe kulama holidi.

“Ngonyaka odlule angiwugubhanga uKhisimusi ekhaya, ngangingekho ngiphesheya kwezilwandle eMelika. Kodwa kulokhu ngijahe ukugubha uKhisimusi ekhaya nabazali bami,” kusho uNota.

Nakuba esekutholile ukuphefumula njengoba ephume ngoMsombuluko kodwa usabhekene nelinye icala lokudlwengula elithinta umculi owumlingsi.

Nokho waphuma ngebheyili ka-R5000 kulelo cala eliqhubekayo ngonyaka ozayo.

Related Articles

Back to top button