Izindaba

Bangene ngo ‘dli’ abakwa SARS kwaMaMkhize

Sane Mseleku

BANGENE ngendlovu iyangena emzini kaMaMkhize abakwa South African Revenue Service (SARS).

Abakwa SARS bagasele kwisithabathaba somuzi walo somabhizinisi oseLaLucia, eThekwini ngoLwesibili.

Bafike nencwadi eqhamuka enkantolo enkulu yaseThekwini, ebagunyazayo ukuthi babheke nanoma yini, baphinde bashaqe noma iyiphi impahla, njengoba enecala losomabhizinisi.

Bathi loluhlelo, elokuthi balwisane nalaba abangafuni ukukhokha intela, balwisana nobugebengu obuzolimaza umnotho wakuleli.

Sigxile ikakhulukazi kwinkampani yenkontileka, le ethe iphenywa, uphenyo laveza ukuthi, igebenga umthetho wentela ngoba ingakhokhelwa intela.

UKhomishana weSARS u-Edward Kieswetter, uyagcizelela ukuthi amukho ongaphezulu komthetho. Uyacacisa ukubaluleko kokukhokhela intela ukuze kusizakale izi-aramu.

“USARS uwushayile umthetho ngakhoke angeke sibuyele emuva noma siwenze ngokwenzelela, noma ngokweseka abanye ngoba bewutho emphakathini. Amukho ongaphezulu komthetho, ngakhoke kumele uSARS wenze isiqiniseko sokuthi umsebenzi wenziwa ngendlela.

“Ithimba lokucwaninga noku shaqa kumele lenze ngokucophelela ukuze lufundise nabanye ukuthi abomthetho bazoqinisekisa ukuthi izaphula mthetho zizobanjwa,” eqhubeka.

Ngonyaka ka-2019 abakwa SARS benza okyfanayo ka-Shauwn Mkhize baashaqa izimpahla, ngoba wabe ekweleta intela engaphezulu kwa-R140 million.

Related Articles

Back to top button