
Uzowudlela emzini omusha uKhisimusi ugogo (74)
Motshwari Mofokeng
AWUKAFIKI uKhisimusi kodwa kugogo uNkk Beauty Diale nomndeni wakhe abahlala oSizweni, eNewcastle, seziyakhala, bajabulela umuzi omusha onamakamelo amane.
Bese kuphele isikhathi eside lo mndeni uthwele kanzima uma lina izulu kule ndlu yodaka kanti bese behlezi benovalo lokuthi bangahlaselwa izikhukhula.
UNkk Diale ubehlala nabazukulu bayisikhombisa nezingane ezimbili ezingasebenzi.
Ubonge abeNyatee Foundation kasomabhizinisi uDumisani Nyathi ngokumwelisa ngelibanzi.
“Izandla zedlula ikhanda ngokwenziwe ile nhlangano. Bese ngililahlile ithemba ukuthi ngiyoke ngihlale endlini esile ngilale ngiphumule ngingaphazanyiswa muntu. Sengathi uNkulunkulu engababusisa ngalesi sihe abangenzele sona,” ezibongela.
UConstable uNonjabulo Langa okhulumela amaphoyisa aseMajuba ubonge abeNyatee Foundation ngokusheshe basabele ngesikhathi baziswa ngosizi lwalo mndeni.
“Njengamaphoyisa asibhekile kuphela ukuvikela amalungu omphakathi kepha siqikelela ukuthi inhlalakahle ihamba ngohlelo kubantu bakithi. Into emqoka wukuthi uma unekhaya uyakwazi ukuvikeleka ebugebengwini,” kulandisa uLanga.
I-Chief Executive Officer yeBoitumelo Huma ithe baziswe ngosizi lwalo mndeni ngomunye wabasebenzi babo.
“Sisebenzisane kahle namaphoyisa, abasemajele, abezenhlalakahle nekomiti elibheke ubugebengu emphakathini. Kusithintile ukuzwa ngosizi ebelubhekene nalo gogo nomndeni wakhe. Njenge Nyatee Foundation kuyasijabulisa ukuthi sikwazile ukuphosa itshe esivivaneni.