Impikiswano ngezibalo zobugebengu ‘ezehlile’
Sane Mseleku
UCWANINGO lwezibalo zobugebengu bakuleli lakamuva alubuvezi ubufakazi obuyikona khona.
Lawa ngamazwi kaProfessor Kholofelo Rakubu oyiCriminologist othi ikota yesibili yezibalo zobugebengu kuleli ayivezi isibalo okwisona esenzeka ezindaweni.
Umsindo usuka nje uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ukhiphe ikota yezibalo zobugebengu, eveza ukwehla kwabanukubezwa ngokocansi ngo-2.5%, ababulawayo bona behla ngo-5.8%, abagqekezi nabaphucwayo izimpahla bona behle kakhulu ngo 8.8%.
UNqongqoshe ukhulume ngesikhathi kuphuma izibalo zobugebengu zekota yesibili ya 2024/25 yezimali zonyaka. Kubalwa kusukela ngo-Julayi kuya ku-Septhemba.
UMchunu ubike nokuthi izindawo zonke zokungena kuleli kumele zilungiswe kabusha ngokushesha ziphinde ziqashwe ngeso lokhozi. Waphinde wagcizelela nokuthi amazamazama abeka umnotho wakuleli engcupheni.
UProf Rakubu ubuza ukuthi bangaki abantu abanukubeziwe kodwa abakhethe ukungabiki, ngaphandle kwalesi sibalo esibikiwe.
“Abomthetho bayathanda ukuhlala beveza isithombe esihle, kodwa lokho akusona isisombululo, ngoba akufinyelelwa kubugebengu bezinye izindawo. Ngiyezwa ukwehla kwesibalo sokunukubezwa, kodwa ngiyazibuza ukuthi bangaki abadlwengulwa bangabika, ngenxa yezingqinamba ababhekana nazo, nobudedengu bomthetho, lokho kumile nje”.
Khona manjalo, uNdunankulu uthi imiphumela yezibalo zobugebengu ngalesisikhathi isiqalile, izidakamizwa, uzikhali, izibhamu ezingekho emthethweni ezishaqwe amaphoyisa ngalesikhathi beqaphile.