Safakwa emgodini ngezibhamu: Abavukuzi
Musa Mkhize
AMAZAMAZAMA avukuza ngokungemthetho kwimayini i-Stilfontein bathi bebesetshenziswa ngenkani emathunjini omhlaba.
Bathi bathenjiswa umsebenzi kanti bazo phendulwa izigqila ngaphansi komhlaba lapho kade begadwe khona njenge ziboshwa.
Bathi bebegadwe amadoda ebehlome ezingovolo, lama doda ebebalawula kuyo yonke into ebekade beyenza emgodini.
Bebezwa ngawo lamadoda uma sekufanele baphumule, uma sekufanele badle noma bephuze amanzi.
Kusukela ngesonto elidlule ngoLwesihlanu mhla ka-22 Novemba, banga phezulu kuka-50 abavukuzi asebeziphumele bona emgodini. Phakathi kwabo kukhona oneminyaka ewu-14 ongowokufika kulelizwe, odabuka eMozambique.
Kwi-vidoe esabalele ezinkundleni zokuxhumana, omunye wabavukuzi uthe yena uhlala eTembisa, enyakatho yaseSoweto. Udalule ukuthi kukhona umuntu owamthembisa umsebenzi, wamtshela ukuthi umsebenzi use-North West, kanti umholela ophathe.
“Kukhona umuntu owafika kumina kanye nabanye esihlala nabo emphakathini wasithembisa umsebenzi, sonke sasijabule ngoba phela umsebenzi awukho kulezi zinsuku. Bafika basi thatha ngekhumbi basihambisa kulo msebenzi abasithembise wona. Uma sifika kule ndawo eyisigange bafike basikhombisa umgodi bathi iwona ke lona umsebenzi asingeneni phakathi. Sathi siyanqaba basifaka ngenkani. Inzima impilo ebesiyiphala emgodini bekufana nokuthi sise sihogweni uqobo,” kubalisa umvukuzi.