
Ufuna umtanakhe owafa kumdlali webhola
Sane Mseleku
UFUNA ukwazi ukuthi ikuphi indodakazi yakhe owesifazane owalimala kanzima kwingozi ebandakanya umdlali weSikhukhune United uShaune Mogaila eThembisa ngenyanga edlule.
Ufuna indodakazi nje usanda kuphuma esibhedlela njengoba ebekwikhoma isikhathi eside.
Umndeni usamanqika ukubhadlaza indaba ukuthi umtanakhe washona engozini.
“Uma nje eqala inkulumo ngengane sivele sibike izaba nje noma sifake enye inkulumo. Asikwazi ukumazisa manje, silinde aphole ngokwanele kwimande simazisa ngokushona kwendodakazi yethu encane,” kusho umyeni wakhe uTshepo Kekana.
Babesemotweni nendodakazi yakhe uGomolemo nendodana yakhe ena-13 ngesikhathi imoto ka Mogaila igquzula iHyundai yakhe.
Le ngozi enyantisayo yenzeka ngesikhathi uKeo Mavimbela eyisa izingane zakhe esikoleni ngomhlaka-30 Okthoba.
UGomolemo waphelela lapho, kanti umfana noMavimbela baphuthunyiswa esibhedlela.
“Bayalulama bobabili esibhedlela,” kusho uKekana.
Indodana yona iyalulama kodwa isahamba udokotela iPhysiotherapy, njengoba ingakakwazi ukuhamba kahle.
UMamncane wengane utshele abeSawetan ukuthi umshana wakhe akakhumbuli lutho ngengozi: “Uma ebuza ukuthi yini abe sesibhedlela sithi ingoba uyagula,” kusho uMamncane Mihloti Ndlovu.
“ODokotela bathe, usephumile ebungozini, futhi emuva kokufaka izinsimbi ezinyaweni zombili uhamba udokotela, noma esatotoba kodwa sikholelwa ukuthi ngemuva kwe physio sizogoduka naye,” kuqhuba uNdlovu.
UMogaila uphume ngebheyili ka-R20.000. icala lakhe lizobuyela enkantolo ngo mhlaka-4 Februwari 2025.