Ezokungcebeleka

Umsakazi weGagasi FM ugonyuluka ngomshado wakhe

UMSAKAZI weGagasi FM ophinde abe usomahlaya uFelix Hlophe ugonyulukile ngomshado wakhe weminyaka engu-6 nomkakhe uTracy.

UHlophe osakaza uhlelo lwasekuseni iThe Uprising noMinnie Ntuli, uthi ukholwa ukuthi emshadweni kuba nezigameko zamaphutha, okuthatha izinqumo ezingaphusile nokuxolelana njalo.

“Sifunda ngamaphutha ekugcineni uma sidalelwene ayikho into engenziwa. Uyamthatha umuntu umfake emndenini, azi konke okungaziwa ngabanye abantu, amahlazo akho,” kusho uHlophe.

Uqhube wathi ushade unkosikazi wakhe emuva kweminyaka emibili bazana, noma kungabanga lula kodwa basamile othandweni labo.

“Kuyehla, kuyenyuka. Sinezikhathi zobunzima nezimnandi kakhulu. Izingane ziwubufakazi bothando lwethu, bayaluqinisa. Kwesinye isikhathi uke ucabange ukuthi uyamzonda umkakho naye acabange kanjalo. Sizitshele ukuthi kukhona okungcono ngaphandle, kanti akukho.”

Eqhuba uthe: “Sizozama ukwenza kwangcono, senzele thina nomndeni wethu. Kubo bonke abalandeli bethu ngiyathembisa sizoyibamba ishisa. Sizosondelana kakhulu kunakuqala, singabantu abalungile, futhi kuzohlale kunjalo noma kunezinkinga nakho konke.”

UHlophe ubebungaza iminyaka eyisithupha eshadile nomkakhe uTracy Smith-Hlophe. Bashada ngonyaka ka-2018 bathola abantwana ababili uNala no-Amile Hlophe. Ngokusho kwabezindaba uDJ unezingane ezine ngaphandle emshadweni.

Kuzwakale ukuthi ekuqaleni kwalenyanga uHlophe nomkakhe babe nomcimbi womndeni uMembeso noMkhehlo ePietermaritzburg.

UHlophe ukhininda lezi zindaba nje ziyaqina izinsolo zokuthi ufuna ukuthatha umfazi wesibili.

Lokho sekuqubule amahemuhemu okuntengantenga kothando lwalana bobabili.

Related Articles

Back to top button