Izindaba

Udayise ngosana (2) lwakhe owesifazane oboshiwe

UNINA wosana uKutlwano (2) oduke cishe emasontweni amabili edlule wangatholakala uboshwe ngezinsolo zokudayisa indodana yakhe nokuqamba amanga ngokuthunjwa kwayo.

Sikhuluma nje ubhekene namacala okushushumbisa abantu.

Amaphoyisa ayaqhubeka nokucinga ingane elahlekile njengoba unina esaboshiwe ngaphambi kokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili ngomhlaka-29 Novemba.

Lo mama wase Vanderbijlpark wabika ukuthi ingane ithunjiwe eBoipatong esifundeni sase Sedibeng.

Lona wesifazane uvele eNkantolo yeMantshi yase Vanderbijlpark ngoMsombuluko ngamacala okushushumbisa abantu, ukwakha itulo lokugebenga kanye nokwenza isitatimende esifungelwe esingamanga emaphoyiseni.

La macala asukela ezinsolweni zokuthi udayise indodana yakhe kubantu abangaziwa.

Ngomhlaka-13 kuNovemba, kusolakala ukuthi ubike icala elingelona iqiniso emaphoyiseni, ethi abesilisa abangaziwa bathumbe indodana yakhe.

Ngaleso sikhathi utshele amaphoyisa ukuthi indodana yakhe ithunjwe abesilisa abathathu abashayela imoto yePolo esilver grey.

Ngesikhathi amaphoyisa ephenya, kutholakale ukuthi isimangalo sokuthumba singamanga.

Ngokuhamba kwesikhathi lona wesifazane uye wavuma ukuthi ubesenga ezimithiyo.

Ube eseboshwa kanti usagqunywe esitokisini.

Namanje akwaziwa ukuthi ingane ikuphi, nemizamo yamaphoyisa yokuyithola isaqhubeka.

Icala lihlehliselwe umhla ka-29 Novemba ukuze afake isicelo sebheyili. Umbuso uhlose ukuphikisa ukukhululwa kwakhe ngebheyili.

Related Articles

Back to top button