Izindaba

Kushaqwe izidakamizwa zika-R4,5 M emzimbeni

Musa Mkhize 

AMAPHOYISA aseKapa avundulule izidakamizwa okuyicocaine kanye nemandrax.

Lezi zidakamizwa ezilinganiselwa kwizigidi ezine nengxenye yamarandi ngenani lasemgaqweni zitholwe emotweni ngempelasonto.

Abakwasidlodlo bebese mkhankasweni wokuhlola ubugebengu eBelhar naseRavensmead ngoMgqibelo.

Bazithele phezu kwemoto ebisolisa, kusho okhulumela amaphoyisa u-Lt- Col Malcolm Pojie.

Amaphoyisa ayisukelile ayijaha le moto. Ngesikhathi kuseshwa, kutholwe izikhwama ezimbili kanye nebhokisi elivaliwe, umshayeli uziphikile ukuthi uyazazi lezi mpahla.

Ube esethathwa wahanjiswa eRavensmead Police Station.

Ngesikhathi luqhubeka uphenyo ezikhwameni ezimbili kutholakale oplastikanyana abasongiwe balishe imandrax ewngu-1000 ezikhwameni ezibgu-38.

Ebhokisini nakhona kutholakale izikhwama ezincane zika-plastic eziwu-30 zona zilayishe i-cocaine engaka hleshulwa,” kusho Pojie.

Umsolwa oneminyaka ewu-44 ube esekhalelwa amasongo kasiGonyela ngokutholakala nezidakamizwa.

Khonamanjalo Amazamazama avumile ngesikhathi kukhulunywa nawo ukuthi kukhona amadoda ahlomile le phansi emgodini wezimayi.

Baveze nokuthi ukudla namanzi lokhu okwalethwa, kwathathwa iwona lamadoda ngoba efuna kuqhutshekwe nomsebenzi emgodini.

Amazamazama angaphezulu kwezinkulungwane aphumile emgodini kula masonto, emuva kwe-Operation Vala Umgodi eqalwe amaphoyisa eNorth west.

Amaphoyisa namasosha aqala ukuvimba ukuyiswa kokudla namanzi emgodini kuma Zamazama kanye nezinye izinto eziyisidingo phakathi kwa-Okthoba.

Related Articles

Back to top button