Kuhlukene inhloko nesixhanti kwaMaMkhize
Sane Mseleku
USHAUWN “MaMkhize” Mkhize owayeshade noSbu Mpisane, ugcine ethole inkululeko emuva komdonsiswano wedivosi weminyaka eyisithupha.
Lo somabhizinisi waseThekwini ophinde abe neReality show yakhe ebizwa kwaMaMkhize, uhlukanise nomyeni wakhe osephenduke usomabhizinisi.
Bese behlale iminyaka engu-26 ndawonye, bathola indodana u-Andile Mpisane ona-23 weminyaka.
UMaMkhize wafaka isicelo sokuhlukanisa ngo-Okthoba 2018, emuva kweminyaka engu-6 kudonsiswana.
NgoMsombuluko Novemba 18 inkantolo enkulu yaseThekwini igcine iwuqedile umshado wabo, babuyela emakethe ngokusemthethweni bobabili.
UMpisane utshele abeDaily Sun ukuthi uMaMkhize uye owafaka eyesehlukaniso, ngakhoke abafuna ukukubuza mababuze yena.
“Angeke ngiphawule ngokushiwo yinkantolo ukuthi kuzokwenzekani emuva kokuhlukanisa,” kusho uMpisane.
Kubikwe ukuthi uMpisane ufuna ingxenye yesithabathaba sabo sezigidigidi esise La Lucia, eThekwini.
Ngesikhathi kusaliwa ngesihlukaniso bebehlala ngokuhlukana kwisithabathaba sabo, omunye ehlala kwenye ingxenye nokunjalo nomunye.
UMaMkhize wabuyela esibongweni sakhe sakwa Mkhize singakaphothulwa isihlukaniso.
Ngo-2014 besashadile, baqala iqembu lebhola iRoyal Eagles, ngesikhathi benezinkinga bayihlukanisa, uMpisane wabamba igama.
Ngo-2019 uMaMkhize wathenga iqembu leReal King walishintsha igama kwaba iRoyal AM.
Indodana yabo iwusihlalo, iphinde idlalele lona leli qembu.
Kudala ngesikhathi ezimnandi leziziqumama zashada ngo-1991 umshado ohlanganisile.
Ekuhambeni kwesikhathi kwashona umama kaMaMkhize uFlorence Mkhize lapho bathola khona iZikhulise Group Holdings.
Bobabili bebenoxhaxha lwamabhizinisi, kanye namathenda amaningi okubalwa kuwo ukwakha izindlu zoxhaso KwaZulu-Natal.