Izindaba

Izikhalo ngebhodi ebelisetha akaMatric

ZINKULU izikhalazo ngokungathembakali kwebhodi elisetha iphepha leGeography okumanje kunemibuzo engaphenduleki.

NgoLwesithathu odlule mhlaka-20 Novemba, abafundi abangaphezu kuka-900 kwakumele babhale izivivinyo zephepha lesibili leGeography. Leli phepha lalisethwe ibhodi ezimele South African Comprehensive Assessment Institute (SACAI) kodwa kwangenzeka.

Ngokombiko weSABC iphutha latholakala ngoLwesithathu ngesikhathi sekufundwa iphepha ngaphambi kokuqala isivivinyo.

I-SACAI yakhipha iphepha elilungisiwe, elabhalwa abafundi abangu-967 abehlelwa ilenkinga.

Olwela abafundi uHendrick Makaneta, uzwakalise ukukhathazeka mayelana nesithunzi samaphepha asethwa ibhodi elizimele.

“UMalusi kanye nabezemfundo kumele baqikelele ukuthi amaphutha anjengalawa awenzeki noma bawalungise ngokushesha kungaze kuphazamiseke abafundi. Amaphutha anjengalawa azodala isimo sokuthi isivivinyo sonke sifane nento engekho, kulandela inkinga esibhekene nayo yakwa SACAI,” kusho uMakaneta.

Abomthetho balindeleke ukuthi baphawule ngalolu daba, ukuthi makusuka la kuyaphi. Kumele kutholwe isisombululo ngale nkinga, nokuthi kube namuphi umthelela kwizivivinyo zabafundi.

Related Articles

Back to top button