Isidumbu itekisi libulala owesifazane ezihambela
Sane Mseleku
KUPHUME isidumbu itekisi liphuma emgwaqeni lingalawuleki, lathatha owesifazane obezihambela eceleni lamfaka ngaphansi, ngaphambi kokuba lishayise isigxobo.
Le ngozi enyantisayo yenzeke emgwaqeni uClare Road eduze kweBurnwood Road kwiClare Estate, eThekwini.
Ngesikhathi obosizo oluphuthumayo besazama ukusiza, babone ukuthi lo obehamba ngezinyawo ubambekile ngaphansi kwetekisi, baphuthumebathinta abezicisha mlilo.
Kuthiwa bafike ngokushesha ngebhadi lo wesifazane okukholelwa ukuthi uneminyaka ephakathi kwa-30, ulimale kakhulu bekungekho abangakwenza. Ngeshwa ushonele endaweni yesigameko.
Omunye wabagibeli, uthole imihuzukwana nje emncane, wathola usizo khona lapho lapho.
Okwamanje ayikaziwa imbangela yale ngozi, kodwa amaphoyisa asaphenya.
“IClare Road yaziwa ngomgwaqo oyisiphithiphithi lapho amatekisi namabhasi ehamba ngesivinini esikhulu, eyojika ikhona laku Burnwood, lapho lelikhona libi kakhulu liyingozi. Nginesiqiniseko sokuthi umshayeli uhlulwe ikhona wase wahluleka ukuyilawula itekisi kusho uCindy Hutchison, ezinkundleni zokuxhumana.
“Sidlulisa amazwi enduduzo kumndeni nabangane bowesifazane odlulile emhlabeni, kanye nokululama ngokushesha komgibeli olimalile,” kuphawula Elias Ntindah ezinkundleni zokuxhumana.