Kuphelile ngomshado kaTeko Modise nomkakhe
LIGQASHUKILE ifindo likasofa silahlane phakathi kowayengumdlali weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uTeko Modise, nomkakhe uKoketso.
Bahlukene ngemuva kweminyaka emithathu beshadile, kanti kubikwa ukuthi lesi sihlabani sebhola sesizophuma emzini wabo abebehlala kuwo eGoli.
Akapholisanga maseko uTeko owayeyibamba enkabeni yesisu wasusa zonke izithombe ezinkundleni zokuxhumana ezinonkosikazi wakhe uKoketso ngemuva kweminyaka emithathu bendawonye.
Laba bashadikazi bazamile ukusindisa umshado wabo kodwa manje sebezogxila ekukhuliseni ingane yabo ngesikhathi samaholidi kaKoketso e-Italy.
UTeko nomkakhe bashada umshado weSintu ngo-2021 futhi abathanda ukwabelana ngobudlelwane babo ezinkundleni zokuxhumana, manje sebesuse zonke izithombe zomunye nomunye.
UKoketso usephinde wabuyela ekusebenziseni isibongo sakhe kuma-akhawunti akhe ezinkundla zokuxhumana.
“Bebefanelene, kodwa okubuhlungu ubudlelwano babo sebuphelile. Mhlawumbe esikhathini esizayo, kodwa okwamanje, ngicabanga ukuthi bobabili badinga ukuhlukana,” kusho umthombo utshela iZiMoja.
Naphezu kwemizamo yokuhlenga umshado wabo, imithombo ithi ubuhlobo abukwazanga ukulungiseka. Laba bavumelene ngokuthi bazoqhubeka nokukhulisa ingane yabo ngokubambisana.
UKoketso ubonakala eqhubeka, ejabulela iholide nabangani e-Southern Italy.
“Usaqhubeka nokuphila impilo yakhe,” kwengeza umthombo.
UTeko noma uKoketso abazange baphawula esidlangalaleni ngokuhlukana kwabo.