Isasasa imidlalo yeSalga ibanjelwa eThekwini
Sihle Mkhize
KUBE nesasa ukwethulwa kwemidlalo yeSouth African Local Government Association (SALGA) e-Oceans Mall Open Deck, eMhlanga, eThekwini ngoLwesine emini.
Imidlalo yamaSALGA izobe ihlanganisa iminyaka engu-24 yasungulwa.
Kulo nyaka izobanjelwa kwelikabhanana kusukela ngoDisemba-5 kuya ku-8 kanti zizobe zidlana imilala emkhakheni engu-14 wemidlalo enhlobonhlobo.
UNgqongqoshe wezobuCiko amaSiko nemiDlalo kwaZulu-Natal uMuntomuhle Khawula obejabuliswe okwengane uthe iqhinga lakhe leli.
“Kwaba yiqhinga lami leli, umhlola ngoba kwaqalwa kunezinhlobo ezimbili nje okwakuqhudelana kuzo namhlanje zingu-14. Le midlalo yasungulwa esikhathini esinzima lapho kwakunezindawo ezingo-alubhadwa eKZN kodwa ngale midlalo sakwazi ukuhlanganisa abantu ngale kwepolitiki,” usho kanje.
UKhawula uthe sekuke kwaba nemizamo phambilini yabathile ukuthi lemidlalo ibe eyazwelonke kodwa ngenxa yomsebenzi omningi wamalungiselelo leso sifiso sagcina ngokufadalala.
IMeya kaMasipala weTheku uCyril Xaba uthe iTheku lizobe lizicijile ukugila ezibukwayo naku lonyaka njengoba lihlezi lithela induku kwizimbamgi.
“Kunemali engango R40 million etshaliwe ukuthuthukisa amabhishi nezinkundla zokudlala, kuyahlangana impela kwazise siphokophele ekubeni idolobha lezemidlalo. Siyaziqhenya nokuthi sesikwaze ukuvundulula abadlali abohlonze kule midlalo okubalwa u-Alwande Mngwengwe okwiSekhukhune United noRonnel Donnelly okwiWestern Cape United Women’s Team,” kusho Mayor Xaba.