Izindaba

Kutholwe inqwaba yempahla ebizoshushumbiswa eZim

Bahle Mkhize

AMAPHOYISA akwaZulu-Natal asebenzela esiteshini iPlessislaer, eMgungundlovu, avundulule inqwaba yemphahla entshontshiwe.

Kumsolwa abantu baseZimbabwe abebeqashe umuzi ukugcina lezi zimpahla ezebiwe bese beziwelisa umgcele.

Le mpahla enhlobonhlobo kubalwa kuyo izinsimbini zezimoto, ifenisha, inyufomu yamaphoyisa, zingubo nokunye okuningi obekuzothuthelwa eZimbabwe naseMozambique.

Lesi sigameko sishiye abantu base eDendale, eMgungundlovu, beshaqekile ukubona impahla ebingagcwala amaloli iphuma kulo muzi.

Khonamanjalo uNdunankulu wakwaZulu-Natal uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli ugasele emafemini akhelene neNewcastle ngaphansi kohlelo ‘๐—ข๐—ฝ๐—ฒ๐—ฟ๐—ฎ๐˜๐—ถ๐—ผ๐—ป ๐—ฒ๐—ป๐—ด๐—ฎ๐—ป๐—ด๐—ฒ๐—ป๐—ถ ๐—ป๐—ด๐—ฒ๐˜€๐—ฎ๐—ป๐—ด๐—ผ ๐—ถ๐˜†๐—ฎ๐—ณ๐—ผ๐—ต๐—น๐—ฎโ€™ lapho kuficwe khona abantu abangaphezulu kwekhulu abakuleli ngokungemthetho.

Lokhu ukwenze ngenkathi kuqhubeka imbizo yokulwisana nobugebengu ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo Osizweni, eNewcastle.

Kwenzeka lesi sigameko nje uNdunankulu ehambisana noKhomishana wamaphoyisa kwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ezinsukwini ezimbili ezedlule bavundulule isizinda esigcina ukudla okonakele eBluff nosekulinde ukusatshalaliswa ezindaweni ezihlala abantu emalokoshini.

Phakathi kwempahla evundululile esidlulelwe isikhathi kubalwa amathini kafishi, amadrinks, amasoya beans, amaspices nokudla kwezingane.

Ekhuluma nabezindaba uMkhwanazi uthe bafuna ukuthola ukuthi lezi zimpahla bezithengwe ubani ukuze zifike kuleli.

โ€œUmuntu esimdinga kakhulu yoliwo ozithengile. Siphenya nokuthi uma zisuka lapha bezizoya kuziphi izindawo. La kutholakala ukudla okonakele, kuhlanganiswe okudliwayo nokungadliwa. Lezi zimpahla azikhokhilwe intela, futhi azihlolwanga ngabezimpilo,โ€ usho kanje.

Related Articles

Back to top button