Kuphume esinye isidumbu oKhozini FM
ZIYASHAQISA izigemegeme zokufa kwabasakazi kuKhozi FM njengoba silokhu siqhumile isililo.
Sikhuluma nje kukhalwa zinkalo zonke kulandela ukudlula emhlabeni kwaNondumiso Shazi okuthiwa uxinwe yikhanda lagcina limthathile.
Nokho uphuthunyiswe esibhedlela e-Addington eThekwini kodwa kwafika kwamanela.
IPurpose isibike kaningi ngokushona kwabasakazi kulesi siteshi belandelana okubalwa u-Irvin Sihlophe oshone sekuyophela unyaka odlule, uBheka Mchunu oshone ngoMashi nonyaka noZanele Mbokazi Nkambule oshone ngoMeyi nonyaka.
Izindaba zokushona kwaNondumiso waseChatsworth nobethula uhlelo lwezingane iVumelani Abantwana beze Kimi, ziqale ukujiya ngoLwesihlanu.
UPhindi P osakaza kuso lesi siteshi uthe uphatheke kabi kakhulu ngokushona kukaNondumiso njengoba kunguyena owamvulela iminyango emsakazweni Ukhozi FM.
“UNondumiso ngahlangana naye esontweni abekhonza kulona ngesikhathi ngivakashele khona. Ngigcine sengimumema ukuzoba nezingxoxo naye emsakazweni, ngase ngimcelela emsakazweni ukuthi asetshenziswe kanti bazomthanda bagcina bemthathile ohlelweni iVumelani Abantwana Beze Kimi. Ubengumsizi womfundisi ebandleni lakhe kuphinde kube nguyena othwebula nezithombe uma kunezinkonzo kanti ubephinde afundise noSontosikole wasebandleni lakhe. Ubengumntwana okhuthele, benginethemba lokuthi usazokhula ashintshe nesimo sekhaya lakubo,” kusho uPhindi P kwiSolezwe.
UMbhishobhi Bhekokwakhe Buthelezi weRestoration and Worship Centre International, eThekwini, lapho bekukhonza khona uNondumiso, uthe ulahleklelwe kakhulu.
“Uphathwe yikhanda elibi eligcine limfake esibhedlela. Esesibhedlela kutholakale ukuthi uneMenengitis. Ayiphelanga inyanga esesibhedlela kwamanela. Ngilahlekelwe kakhulu futhi kulukhuni nokwamukela ukuthi akasekho. Ubeseyinjini ebandleni futhi angiboni ukuthi ukhona ongakwazi ukuvala isikhala sakhe. Ngibonga nakuPhindi P owamvulela indlela yokuthi angene oKhozini,” kusho uMbhishobhi Buthelezi.
Oyinhloko yezokuXhumana eSABC, uMmoni Seapolelo, uthe: “Abaphathi boKhozi nabasebenzi basashaqekile ngokudlula emhlabeni kwaNondumiso obesakaza uhlelo lwasekuseni ngeSonto. Waqala ukusebenza oKhozini ngo-2023 Udlale indima ebonakalayo ekusezekiseni izifiso zw-SABS. Uyohlezi ekhubuleka kubalandeli bakhe, abangani nozakwabo.