Isenkantolo eyabavukuzi abangekho emthethweni eKZN
Musa Mkhize
ZIYANDA izigameko zabantu abavukuza ezimayini ngokungemthetho.
ENorth West emayini i-Stilfontein izinkumbi zabavukuzi abangekho emthethweni abafuni ukuphuma emathunjini omhlaba ngoba besaba ukuboshwa.
Kungakapholi maseko kubatshazwa eyaseNorth West, ngoLwesine kuboshwe abavukuzi abane abavukuza ngokungemthetho emayini yaseNtumbane, oPhongolo, enyakatho yakwaZulu-Natal.
Laba vukuzi batholakale nezinsiza kusebenza okuyimishini, iziqhumane kanye namaqhuzu amatshe egolide angabiza izigidi ezintathu zamarandi.
Umphakathi uthe ubone omunye wabavukuzi ephuma emayini eyavalwa. Babe sebebikela amaphoyisa ngokushesha.
“Sibone umlisa ephuma emgodini wemayini ekuseni, kuthe ngezikhathi zantambama sambona esephindela khona,” kusho ilunga lomphakathi.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal uRobert Netsiunda uthe kuboshwe amadoda amane ngokuvukuza ngokungekho emthethweni. Bazovela namhlanje ngoLwesihlanu, mhla ka-22 Novemba, oPhongolo Regional Court.
Ezinsukwini ezintàthu ezedlule iPurpose ibike ngabavukuzi abebekhalela ukuthola okungenani noma ama-ARV’s njengoba bebhanjwe emathunjini omhlaba.
Amaphoyisa avumile ukubathumelela ama-ARV, labavukuzi badume ngokuthi amaZama Zama kwimayini i-Stilfontein, eNorth West. UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng washaya phansi ngonyawo ezeseka ngokuthi kudingeka isiguli nonesi noma udokotela ukuze kuphume imishanguzo.
Isakhamuzi saseKhuma esihlala eduze kwale mayini uManana Mosotho uthe izwe libuka abavukuzi abangeko emthethweni njengabantu abangalungile kodwa bona bababuka njengabantu abazamela imindeni yabo.