Kufe iphara erenki yamatekisi eMgungundlovu
Musa Mkhize
LITHOLAKALE selishonile iphara enkabeni yedolobha eMgungundlovu, erenki yamatekisi ekhoneni lomgwaqo uBurg noRetief street, ngoLwesine emini.
USandile Ngidi obekade ehlala nomufi emgwaqeni uthe uyamazi futhi sekuneminyaka engaphezulu kwemibili behlala ndawonye.
Uthe igama lika mufi uSilu Zondi, waseLandskop, entshonalanga yeseMgungundlovu.
“Bese kufana nokuthi umfowethu uSilu akukho ebegingakwazi ngaye. Besivuka njalo ekuseni siyoziphantela ngoku qhubela abantu igilosa yabo, siyithathe ezitolo bese sibahambisela emarenki amatekisi noma yamabhasi ahluka hlukene lapha edolobheni. Ngalokho besitholela imadlana, ukuze sithenge esizolala sikudlile,” kubalisa uNgidi.
UNgidi uthe balala ngaphansi kompheme oserenki yamatekisi Uthi umufi uqale ngokukhala kobuhlungu kwekhanda ngoLwesithathu ebusuku. Njengenjwayelo, ekuseni ngakusasa bazamile ukumvusa kodwa lutho ukunyakaza, bathi bayamxilonga bathola ukuthi akasaphefumuli futhi uyabanda.
Okhulumele amaphoyisa ku-Loop Street Police station uMthobisi Ngobese ukuqisekisile ukushona komuntu futhi kusenziwa uphenyo ngokushona kwakhe.