Abasolelwa ukukhava umlingisi ngomshuwalensi
BAVELILE futhi enkantolo abasolwa ababili, ecaleni lokubulawa komlingisi uDavid Manuel, nomngane wakhe omkhulu u-Alfonso Fisher.
Babulawa phambi komuzi walo mlingisi eGugulethu, eKapa, ngenxa yemali yomshwalensi.
Abasolwa bavele ngoLwesine emini e-Athlone Magistrate.
UDavid wayelingisa indawo kaFreddy Gums kumdlalo iNoem My Skollie.
UWanda nodadewabo uSindiswa Mbele, bake bavela enkantolo phambilini ngecala lokubulala umlingisi.
Inkantolo yabathola bengenacala ngoba babungekho ubufakazi obukhomba kubona.
Lezi zigilamkhuba zavulela umlingisi umshwalensi, kwathi sekusele izinsuku ezintathu zimbulale, zaya kumshwalense zathi zicela kungezwe imali, uma umlingisi eshona ngengozi.
Nebala washona emuva kwezinsuku ezintathu. Inkantolo ithe ngesonto elizayo amacala azongezwa. Okwamanje basathweswe icala lokudlalela umlingisi umshwalensi. Kusolwa ukuthi elokudutshulwa lizobuya.
Abasolwa baqamba amanga bathi umlingisi umzala wabo, kodwa u-anti womlingisi wala waphetha wathi abahlobene nhlobo, bangomakhelwane qha. UMmeli wabo ufike ne afidavithi athi ibhalwe ngumfowabo womlingisi ethi, “indlela asebesizane ngayo, iyona eyenza ukuthi bathi bahlobene.”
Kuphinde kwavela nokuthi bakhave nabanye abantu abawu-8, kulabo bantu kubalwa abahluphekayo nalaba abadla izidakamizwa badube amakhaya (amaphara).
Ngomhla ka-10 Okthoba iPurpose yabika ngesigameko esifuze lesi lapho kwaboshwa khona iphoyisa elisolwa ngokubulala abantu abayisithupha.
Leli phoyisa lesifazane elingu Sergeant (43) belisebenzela eSenwabarwana liboshwa ligqoke inyufomu iphelele.
Kuthiwa laqale labajoyinela umshuwalense kanti inhloso yalo ukubasoconga bese lihlomula ngezindodla zemali engaphezulu kwa-10 million.