Ezokungcebeleka

Uvula indawo yobumnandi ‘odube’ amathenda e-ANC

Musa Mkhize

USHIYE phansi amathenda e-ANC usomabhizinisi ocaphuna kusale u-Edwin Sodi, ozovula enye yezindawo zobumnandi ehanjelwa omtakabani i-LIV.

Le ndawo phambilini beyaziwa ngeTaboo.

IPurpose ingakuqinisekisa ukuthi uSodi usezinhlelweni zokuvula elinye ibhizinisi elizohanjelwa osaziwayo iLIV kuBree, eKapa.

Izovula iminyango yalo okokuqala ngqa ngomhla ka-29 Novemba.

USodi uyena onengxenye enkulu kuleli bhizinisi. Kulindeleke omntakabani abaqhamuka endimeni yezobumnandi uma sekuvulwa le ndawo ngokusemthethweni.

Umthombo owazi kancono ngale ndawo uthe:

“USodi uyena ophethe kule ndawo, futhi uyambona nangendlela ajabule ngayo. Akasayingeni indaba yamathenda kanye nezinto ezimhlanganisa nohulumeni.”

Omunye umthombo wePurpose uthe: “Sekuphele izinyanga engaqondakali ukuthi ubematasa ngani kodwa manje sekucacile. Impilo yobumnandi eKapa ngeke isafana njenga kuqala. U-Edwin uyalazi ibhizinisi. ISandton LIV iphumelele futhi idumile ngenxa yakhe, naleli bhizinisi eliseKapa asingabazi ukuthi lizophumelela. Njengoba sekuqale ihlobo sizobe sizijuxuza khona.

USodi unqabile ukuphawula ngokuthi kuzobe kwenzakalani.

Ekuqaleni konyaka uSodi wadlelwa impahla okubalwa kuyo imizi nezimoto ezagcina zidayiswa esidlangalaleni.

USodi uke wabhekana namacala enkohlakalo, okushintshanisa ngemali ngenkohlakalo wahlawuliswa uR400 million wentela.

Related Articles

Back to top button