Izindaba

Udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu obekhulelwe

Musa Mkhize

SIKHULU isililo kumndeni nakumphakathi waseGlenwood empumalanga yoMgungundlovu kulandela ukudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu kwaZandile Ngcobo (38) obekhulelwe.

Kuvele ukuthi umufi ubenezinyanga ezintathu ekhulelwe kanti ngesikhathi ebulawa wayekade elungiselela isidlo sasekuseni ekhishini.

Ngaleso sikhathi indodana yakhe yayisacambalele ekameleni layo ngesikhathi lo shayasbhamu egulukudela engena endlini eqotha imbokodo nesisekelo.

Amaphoyisa asendawemi afice umzimba kaNgcobo untanta edamini legazi ekhishini, indodana yakhe yatholakala eduzane ne-wardrobe.

UBrenda Madumise-Pajobo onguSihlalo wenhlangano elwela amalungelo ezingane kanye nabantu besifazane iWise 4 Afrika usigxekile lesenzo. Uthe ubefisa sengathi zinga banjwa lezi zigila mkhuba.

“Sesikhathele ukukhuluma into eyodwa, sengathi zingabanjwa lezi zigilamkhuba,” kugcizelela Pajobo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa afice owesifazane edindilizile phezu kwidamu legazi ekhishini, indodana yakhe yona idutshulelwe ekameleni layo.

“Amaphoyisa alunywe indlebe omakhelwane abezwe kuduma izulu lezandla base bebika. Bathi abazange babone muntu engene noma ephuma kulomuzi.

“Akekho osaboshiwe, amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko,” kusho uNetshiunde.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto ekuseni.

Sikhuluma nje sekuqaliwe ukugujwa kwezinsuku ezingu-16 eMzansi kugqugquzelwa ukungahlukunyezwa kwabasifazane nezingane.

Related Articles

Back to top button