Kuzobanjwa ‘ofishi abakhulu’ ngecala lokufa kwa-AKA: Mkhwanazi
Sane Mseleku
UKHOMISHANA wamaphoyisa kwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi uthi kusazoboshwa abanye ngecala lika AKA.
“Kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye ngecala lokufa komrepha u-Kiernan “AKA” Forbes eThekwini,” uMkhwanazi ekhuluma nabezindaba.
U-AKA nomngani wakhe uTebello Motsoane badutshulwa babulawa eThekwini ngoFebruwari 2023.
Ngesikhathi abasolwa abahlanu befaka isicelo sebheyili, inkantolo yaseThekwini yathola ukuthi kulamadoda kukhona eyakhokhelwa uR800 000 wokubulala. Noma kungazwakalanga imbangela yokubulala.
UMkhwanazi uthi sesiyaqala ukucaca isithombe usibonga nophenyo oluqhubekayo.
“Lokhu esikubonayo kuyasichaza. Sisebenzisana neNPA ngokucophelela ukuze sibe nesiqiniseko sokuthi konke kuhamba ngendlela. Kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye, awukho umgodi esingeke siwugubhe. Amukho esizomzwela uma kutholakala ukuthi uyathinteka ekubulaweni kwababili, okwadumisa isifunda sethu kabi,” kunaba uMkhwanazi.
Asinaluzwelo namuntu ophula umthetho. Uxwayise ukuthi abantu abahambe ngezimoto ezisesimweni somgwaqo, zibe nama namba pleti, abanezibhamu baphathe amalayisensi azo.
Lesi sifundazwe yisona esithandwa kakhulu izivakashi kulesi sikhathi.
“Asikho isikhala seziphula mthetho lapha. Laba abanezibhamu abaphathe amalayisensi, ukuphuza ushayela kuyicala akuhambisani nomthetho. Amaphoyisa awanaso isikhathi sokuxoxisana uma evale umgwaqo, kodwa azoba khona ukuzosebenza.”
Abophiko leCrime Intelligence bayasiza ukunciphisa ubugebengu ezindaweni ezidume ngakho okubalwa iNanda naseMlaza.
“Kubuhlungu ngoba kukhulunywa ngabo kabi, ekubeni bayasebenza. Sebesebenze kakhulu ukunciphisa ubugebengu, kwezinye zeziteshi ezimbili isibalo sokubulawa kwabantu sehlile. Kuyabonakala ukuthi kuyasetshenzwa njengoba kubanjwa inqwaba yezigelekeqe. Kubukeka sengathi siyawina kulokhu,” kusho uMkhwanazi.




