Ifu elimnyama kwiScandal kuhlasela ukufa
Sane Mseleku
ABESITESHI sethelevishini i-e.tv basiqinisekisile isigameko sokufa komsebenzi wabo uGary Megit emuva kokulimala emsebenzini kushuthwa.
UGary ujoyine uqale ukusebenza nalesi siteshi ngo-2011 eyivision controller netelevision broadcast specialist.
Ube eselimala ngoNovemba 22, ngesikhathi kusetshenzwa kushuthwa, kwakushintshelwa kwenye isethi. Waphuthunyiswa esibhedlela washonela khona ngeSonto mhlaka-24 Novemba, emuva kwezinsuku ezimbili elimele.
ICEO ye-Ochre Moving Pictures, ekwinkampani ekhiqiza lo mdlali uStan Joseph uthe bagqemeke udume lwengozi ngalesi sigameko.
“Lesi isikhathi sobunzima kuthina, sidumele kakhulu. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kaGary. Besiyithimba elisondelene kakhulu, manje sibuhlungu ngalesi sehlakalo. UGary ubekhonzwe kakhulu, uyohlale esezinhlizweni zethu,” kusho uStan.
“Sicela umndeni kaGary kanye nethimba leScandal banikwe isikhathi sokuthi bazile ngesizotha kulesikhathi sobunzima.
UStan uqhubeke wathi: “Inkampani izama ngawowonke amandla ukuthi iqinisekise ukuphepha kwabasebenzi nabalingisi beScandal.”
“Siyakuqikelela kakhulu ukuphepha, lokhu besingakulindele, kube ingozi embi.”
Khonamanjalo umlingisi uNelisiwe Sibiya osanda kuqala kulo mdlalo uzoyishubisa njengoba ezolingisa indawo yokuba umama wengane kaThapelo uKhumo, owanyamalala iminyaka njengoba esezobuya manje.
Uzofika nokuzethemba, ukuzimela, kodwa unesifiso sokuhlanganisa indodana yakhe nobaba wayo uThapelo.
Lo mdlalo uzonyusa amaphaphu, ifundise nabantu ukulekelelana enganeni, nokubakhona kwabazali bobabili empilweni yezingane.