Intombazanyana (8) itholwe inqunywe umqala
Philasande Luthuli
KUSABATSHAZWA isihluku kubulawa intombazanyana eneminyaka engu-8 ubudala endaweni eNtshongwe, eMbazwana.
Isidumbu sitholwe simbozwe ngezihlahla ehlathini ikhanda linqunyiwe.
IMCR News ikhulume nesoka lika nina wengane uMnuz Ntongolozi Gumede oveze ukuthi ingane ibithunywe yilo ithini likafish estolo lifuna ukupheka.
Kuthe uma ebona kuhamba isikhathi ingane ingabuyi wabe esehamba eyoyibheka estolo, kwathiwa ifikile yathenga yahamba.
“Ngiqhubekile ngokuyicinga ngabona lapho ibihamba khona ngophaqa kodwa base bayaphela ngayithola. Ngibe sengibuyela ekhaya ngiyobikela unina,” usho kanje.
Eqhuba uthi ucabange ukuthi mhlawumbe ingene kamakhelwane iyodlala, uqhubekile wayoyicinga komakhelwane lutho ukutholakala.
UGumede uze wayofika kubo kwayo ingane lapha izalwa khona ngoba yena akayizali ngokwegazi kodwa wahlangana nonina wayo ineminyaka emibili wayikhulisa.
Ngeshwa akayitholanga, esahamba endleleni wadibana nomakhelwane wambikela wase emcingisa ehlathini kodwa lutho ukuyithola ingane kwaze kwashaya u-8 ebusuku.
UGumede uvukele emaphoyiseni ngosuku olulandelayo kodwa uthole ucingo lumazisa ngokutholakala kwengane ibulewe yanqunywa ikhanda.
Kusolakala ukuthi iqale yadlwengulwa.
UGumede uthi sekuningi okukhulunywayo, kanti le ngane waqala ukuyikhulisa incane ifika nonina yize sebenayo eyabo elama umufi.