Izindaba

ITheku licijele ukwamukela izigidi zezivakashi ngamaholidi

Lusa Mseleku

IDOLOBHA laseThekwini likulungele ukwamukela izivakashi ezizobe ziqhamuka zinkalo zonke kumaholidi.

Lawa ngamazwi abesemlonyeni kumholi waleli dolobha iMeya uCyril Xaba ngesikhathi azisa izwe ngokucija kwabo eWahooz, eShaka Marine ngoLwesithathu emini.

“Sifuna ukukhombisa izwe ukuthi sivule izandla kwezamabhizinisi. Okunye esikwenzayo ukuqinisekisa ezokuphepha ngokusebenzisana kwamaphoyisa omkhandlu weTheku, SAPS, Road Traffic Inspectorate nabezinkampani ezimele. Bazobe benkanise ezindaweni zezivakashi nalezo ezaziziwa ngokuthi akuyi olubuyayo kuzona,” usho kanje.

Uthe kuzokhishwa amaphoyisa angu-500, asaphuma ekolishi ukuze alekelele, azobonakala emgaqweni nasemiphakathini.

Isekele meya uCllr Zandile Myeni uhambe emagameni kaXaba kwelokufukula umnotho weTheku.

Izivakashi ezilindelwe kulo nyaka zingu-1.3 million.

USihle Xaba ongomtakuli olwandle lwaseThekwini ugcizelele indaba yokuthi uma kukhona abathanda ukubhukuda olwandle kumele balandele imithetho ababekelwe yona, njengokuthi akufanele ubhukude uma ukade uthinta amanzi amponjwana.

“Ukubhukuda kwabantu bedakiwe ngenye yezinkinga esibhekene nazo. Amaphoyisa ayawenza umsebenzi wawo kodwa inkinga abantu basuka ezindaweni zabo sebevele sebephuzile,” kusho uXaba obencoma ozakwabo ngemisebenzi emihle abayenzayo.

Amabhishi azobe ekulungele kusetshenziswa izivakashi angaphezulu kwa-30.

Uhlelo beluphethwe umsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe obebuye enze amahlaya ngamaphoyisa alo mkhandlu.

Ukuqinisekisa ukuthi izivakashi ziphinda emakhaya zingawuvali umlomo iTheku libambisene nabahleli bemicimbi bazobe benemicimbi engu-15. Izoqala ngomhla ka-15 Disemba iphele ngoJanuwari-4.

Related Articles

Back to top button