Kuboshwe abawu-9 kwafa oyedwa ibambene namaphoyisa
Sane Mseleku
LIWASHONELE amadoda abesebalile ukuthi azoba noDisemba omnandi kanti ababuzanga elangeni amaphoyisa ahlome ayizingovolo.
Ithimba lezigelekeqe elakhiwe ngabantu abanganela iskimu sebhola eGoli, eBenoni bebethumba osomabhizinisi ngenhloso yokumsenga imali.
Amaphoyisa akuleya ndawo emva kokuncinzwa indlebe baphuthume endaweni yesigameko e-Ivory Park zatholana phezulu nezigebengu ngenganono.
Oyedwa wabasolwa udubuleke wafa ngesikhathi elwisana namaphoyisa, kwathi abawu-9 baboshwa e-Ivory Park.
Kuvele ukuthi umufi, ubesanda kuphuma ejele.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Amanda Van Wyk uthe, bathole izibhambu eziwu-3 kulamadoda.
“Uma kuphenywa kuvele nokuthi lezibhamu ezitholiwe, nemoto abahamba ngayo iyabandakanyeka kobunye ubugebengu obenzeka,” kusho uVan Wyk.
Bekuhlangene, i-Anti Kidnapping Unit, Crime Intelligence, Gauteng Highway Patrol, Local Criminal Record Centre, SAPS Ivory Park, Gauteng Traffic ne JMPD. Nezinye izinkampani ezizimele zisizile.
Esigamekweni esifuze lesi ngoSeptemba 3 iPurpose yabika ngesigameko lapho kwasala khona enkundleni abasolwa abayisithupha kulandela ukudubulana namaphoyisa eSouth Beach, eThekwini ebusuku.
Labasolwa kubikwa ukuthi bebewuhlupho emphakathini futhi bebefunwa uthuli ngamaphoyisa.
Lezi gilamkhuba zazifunelwa amacala okudubula abantu abahlanu emakhanda bebalalise phansi emgaqweni kwaNdengezi entshonalanga yeTheku.
Ngokubika kwamaphoyisa abafana abancane bebezihlalele eceleni komgwaqo ebusuku ngesikhathi behlaselwa yila basolwa.
Kuthiwa bafike ngemoto babalalisa phansi bebakhombe ngezibhamu base bebadubula bonke emakhanda.