U-Eskom ulule izinsuku kwabazoshweleza
Musa Mkhize
INKAMPANI ekhiqhiza ugesi yakwa-Eskom isilule izinsuku kuma khasimende ayo kanye nakubantu abakade bengawukhokheli ugesi bewusebenzisa ngomgunyathi.
Le nkampani ivule izandla kuma khasimende ayo ukuthi awasondele ngaphambili ezoshweleza ikakhulukazi lawa ekade esebenzisa ugesi wabo bhusende.
Ngaphambilini, u-Eskom wawumemezele ukuthi usuku olungumlamulajuqu kwaku yisonto elidlule lomhla ka-24 Novemba.
Ngaphambi komhlaka-24 Novemba, izinkumbi zabantu zatheleka emahhovisi akwa-Eskom zizo zicela ushwele.
Ngokubona umthamo wabantu ukuthi mningi kakhulu, le nkampani ibe isayazelula izinsuku. Usuku olungu mlamulajuqu manje, uLwesihlanu mhla-ka 13 Desemba.
Umphathi wakwa-Eskom uMnuz Dan Marokane, uthe uyakujabulela ukubona amakhasimende abo eza ngobuningi bawo ngaphambili ezozilahla ngamaphutha awo ngokusebenzisa ugesi ngendlela engekho emthethweni.
“Siyathokoza ukubona abantu baseNingizimu Afrika bebambisene nathi ngalendlela kuloluhlelo lwethu lokuthi beze ngaphambi bezozinikela kuthina.
Sibonile ukuthi ngeke sibaqede bonke ingakho sizandisile izinsuku,” kusho uMarokane.
U-Eskom umemezele izolo ngoLwesithathu ukuthi uyazelula izinsuku. Izigubhu zika ugesi esezishintshiwe ukuthi zingene ohlelweni olusha olubizwa ngokuthi i-Key Revision Number (KRN), ziyizi gidi eziwu-6.91.
Ngoko gcwaningo lwabaka-Eskom, amakhasimende abo okusamele asondele ngaphambili kubona awu-341, 000. Lokho kuzokwenza ukuthi babe nama khasimende ayizigidi eziyisikhombisa nemfalakahlane ngaphezulu.