Ubanjwe eSandton nesoka obefunelwa elokubulala umkhwenyana
Sane Mseleku
UBANJWE etetemuka eSondton, eGoli, nesoka elisha owesifazane (38) obebalekela ukubhekana necala lokubulala indoda yakhe eBotshabelo, eFree State.
Emuva kophenyo olunzulu ufunwa njengembuzi yomsebenzi amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi ukuphi waboshwa ngoLwesibili.
Kuvele ukuthi lo wesifazane wayisa indoda yakhe esibhedlela sendawo inamanxeba okugwaza isivele ifile.
ODokotela bakuqinisekisa efika umufi ukuthi ubesevele uphumile umphefumulo.
Isibhedlela sabe sesifonela amaphoyisa, uphenyo lwathola ukuthi umufi ubenguthisha.
Lesi sigameko senzeke ngomhla ka-15 Septemba 2023.
Okhulumela amaphoyisa uSgt Mahlomola Kareli wathi uthe uphenyo lwaqala ngaleso sikhathi,” ucashunwe kanje kwiDaily Sun.
“Kwatholakala ukuthi umufi ugwazwe amanxeba angaphezu kwa-30 kwesingenhla emzimbeni ngaphandle kwase khanda, ezinyaweni nase zandleni.
Kwatholakala ukuthi umufi ubewuthisha. Amaphoyisa aseBotshabelo avula icala lobulelesi nokubulala, ukuze kwaqala uphenyo.
Emuva kophenyo olunzulu, luka Khomishana wesifunda, kwaboshwa abasolwa abathathu emuva kokuthola incwadi egunyaza ukuboshwa kwabo.
“UVusumuzu Daniel Nqele (43) noMoeketsi Innocent Manko (35) baboshwa mhla ka-8 Novemba ngecala lokwakha itulo nokubulala. Ngokuqhubeka kophenyo kwaboshwa usbali kamufi u-Abdool Thamando (35) owayeseGoli ngesikhathi eboshwa,” kusho uKareli.
Ngesikhathi eboshwa lo wesifazane ubehamba ngemoto enenamapleti engaziwa.
“Abaphenyi bathi, unkosikazi ugcinwe ehamba ngenye imoto emhlophe. Amaphoyisa alandelela, amthola kwenye yezindawo zanokusho eSandton, eGoli. ehleli nesoka lakhe. Uphenyo lusaqhubeka kufunwa imoto ayekade ehamba ngayo.” kuqhuba uKareli.
UMsolwa ulindeleke ukuvela ngoLwesine mhla ka-28 Novemba enkantolo yaseBotshabelo.