Amaphoyisa avundulule isidleke sezidakamizwa
Musa Mkhize
AMAPHOYISA avundulule isizinda sendawo okukhiqizwa kuyo izidakamizwa esingabiza uR100 million kwaboshwa owaseMexico okuleli ngokungemvumo.
Le ndawo iseRandfontein enyakatho yesifundazwe iGauteng.
Uphenyo lwamaphoyisa omshosha phansi luholele ekutheni kuvundululwe lesi sizinda ngoLwesithathu emini.
Lolu phenyo oluwumshosha phansi beluhlanganise izinhlaka ezihlukene ngaphansi kumbutho wamaphoyisa.
Izinhlaka ezikade ziyingxenye yalo mshoshaphansi iNational and Provincial Organised Crime Investigations (Narcotics units), National Counter Narcotics, Diepsloot and Westrand Tactical Response Teams (TRT) neWest Rand K9 unit.
Ngaphakathi kulendlu okukhiqhizwa kuyo, amaphoyisa athole amakhemikhali ahlukahlukene, imishini yokukhiqiza izidakamizwa, nezidakamizwa uqobo lwazo okuyi Crystal Meth kanye nemali engadalulwanga isamba sayo.
Amaphoyisa akangabazanga ukuthi imali etholakele nayo itholakale ngokudayisa izidakamizwa ngobugebengu.
Okhulumela amaphoyisa aseRandfontein uConstable Carmen Hendricks uthe ithimba lamaphoyisa lenze umsebenzi omkhulu futhi oncomekayo.
“Sekuneskhathi eside silulandela lolu daba lelesi sizinda. Okwamanje sisabambe umsolwa oyedwa, kodwa siyazi ukuthi akayedwa kulomshikashika zisazozithola nezinye izigilamkhuba,” kusho Hendricks.
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi -Atteridgeville ngamacala okukhiqiza izidakamizwa nokuba kuleli zwe ngokungekho emthethweni.