Ezokungcebeleka

UPearl Thusi uyaphendula kwabambiza ngesidakwa

UPearl Thusi oneminyaka engu-36 ubudala nosephenduke uDJ uthi ubone kumfanele ukuziphendulela njengoba bembiza ngesidakwa, bethi udla nezidakamizwa.

Uthi sekuneminyaka ebekezelela ukuthukwa nokuhlukumezwa kwizinkundla zokuxhumana.

Uvese ukuthi ubejwayele ukuziba izinkulumo ezimcwasayo nezithunaza igama lakhe nokho, ugcine kuhle agonyuluke.

“Abantu bathi ngidakiwe, ngibhemile, ngigugile futhi ngimubi,” kusho uPearl.

“Kudala izinto ezinje zazingilimaza kakhulu. UNkulunkulu wangipha isibindi. Yini nisho izinto ezimbi nezibuhlungu kangaka? Ngiwumuntu, ngingumama womntwana, nginemizwa ngiwumtwana kaNkulunkulu,” eqhuba.

Uthi ufunde ukuthi, lezinkulumo zingakulimaza uma uzivumela.

“Nanoma imuphi umoya othunyelwa kumina, mawubuyele kumnikazi unjalo umthunaze. Ukulapheka kwakho akuyona inkinga yami ngoba ulwisana nenjabulo yami. Uyinkinga yaNkulunkulu, hhayi eyami,” eqhuba.

Kukhona ivideo ayisabalalisile ukuseka abanye ababhekana nalesimo njengaye.

“Eyabani leWi-Fi yamahhala oyisebenzisayo ukuthunaza nokwehlisa isithunzi sami?” kubuza uPearl.

Khonamanjalo umculi uNomfundo Moh naye waphumela obala ngokucwaswa kwakhe kwezokuxhumana.

Wayekhala zonke izinsuku, umama wakhe ameseke athi: “Baningi abakukhombisa uthando, ungavumeli lo oyedwa alawule impilo yakho.”

Wakhululeka mhlazane amukela ukuthi angeke uthandwe iwona wonke umuntu. Wathi: ” okubi abakubhala ngami, ngiyakucisha ngikhohlwe ikona, ngiqhubeke nempilo,”kusho uMoh.

Related Articles

Back to top button